Umfundisi umile eduze komgodi onebhokisi, ufunda incwadi azongcwaba ngayo uMaMbhatha.

“Amahubo 50, Verse 15 athi, ‘Ungibize ngosuku lwenhlupheko. Ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa,’” kusho umfundisi. Uthatha isikhashana ebuka abantu abakhona lapha emathuneni ngaphambi kokuba aqhubeke. “Bazalwane yiso lesi isikhathi senhlupheko uMdali wezinsuku ayekhuluma ngaso, ukuthi noma sifika kodwa ungesabi ngokuba Yena ukhona ngazinsuku zonke. Namhlanje sizobeka iqhawekazi, sizobeka imbokodo, ingcabha isele nani muzi wasekhaya. Lencwadi ithi namhlazane kuvuka izivunguvungu kodwa biza yena, ungabizi umakhelwane ngoba kusasa uzoma ngokuhlupheka kwakho, ungabizi mina mfundisi ngoba nami ngixakwe ezami kodwa biza Yena nguye ozokukhulula.”

Lencwadi uthi uma eqeda ukuyifunda nje, abusise nomgodi, kube sekwehla ibhokisi. Kwabonakala uThemba edonsa isibhamu esibeka ekhanda kuye. Kwavele kwaba nesiphithiphithi uma kubonakala lesi senzo.

Amugxumele uMandlendoda obeme emuva kwakhe, amubambe isandla. Sivele sisho kakhulu isibhamu sivale izindlebe. Kwadideka abantu kwakhala isimayemaye, kwasukuma nababehleli ethendeni elincane elibekelwe abomndeni. Kwabalekwa, akwaziwa ukuthi kwenzakaleni ngemuva kokuqhuma kwesibhamu ngoba lezi zelamani ziwele emgodini phezulu kwebhokisi likanina.

Sikhale isalukazi esingumamkhulu walezi zinsizwa eseziwele emgodini. Sisondele khona isalukazi, asikwazi nokugijima kodwa sekugijime inhliziyo yangena nalezi zinsizwa phakathi emugodini.

Ufika esekhathele uhefuzela umamkhulu. Amemeze athi, “Kodwa lezi zingane zisibonisani ngempela? Nabaleka nonke? Izinsizwa ezitheni lezi kodwa nkosiyami? Amagwala lezinto!”

Phela manje sezibaleke zonke lezi zinsizwa ezima eduze komgodi emathuneni. IsiZulu sithi kusinda abakwaGwala ngazo izinkathi ezinjena. Abazi noma impi yomndeni lena noma kwenzakalani. Silunguze isalukazi emgodini sithole izinsizwa zingene ngamakhanda zombili, eceleni kwebhokisi kulesi sikhala esiphakathi kwebhokisi nomgodi. Akubonakali ukuthi ubani owubani uma kunjena. Phela zombili lezi zinsizwa zigqoke amasudu amunyama anokusho kodwa ke lokho akusabonakali njengoba esengcolile nje egcwele uthuli. Uyedwa onyakazayo phakathi kwabo nakhona unyakazela ebunzimeni. Kunegazi kulengubo emboze ibhokisi.

Umile uSandile akayikholwa kahle yonke lento eyenzeka lana. Yena ngesikhathi kuqhuma isibhamu akazange avike, akabalekanga, uvele waphelelwa nawukuthuka wama khimilili. USandile ubenethemba lokuthi uThemba lona eze ngaye lana ekhaya basazokwazi ukuphinde bahlale phansi baxoxe. Okubuhlungu ukuthi naye uSandile akakwazi ukumthwesa icala uThemba ngesenzo sakhe, ngoba uyaluqonda kahle udaba lwakhe. Kanti ke futhi njengoba umfowabo kaThemba uMandlendoda ubesethe ufuna ukukhuluma naye uSandile nje uvele wabona ukuthi akayixoxanga lenkinga emvelele uThemba.

“Yini enye angafuna ukuyixoxa nami uMandla? Phela mina naye asazani. Sihlanganiswe ukuthi ngifike noThemba lana ekhaya kuphela. Kusho ukuthi usefuna ukungibuza izindaba zamfowabo? Lutho ushaye phansi kwashunqa uthuli angizikhulumi mina izindaba engingazazi. Ngafundiswa kahle ekhaya ukuthi ngingazifaki kwezisekudeni nami ngoba kusasa zizobuya zizoxaka mina,” kucabanga uSandile.

Manje ke njengoba sekunjena nje sekwenziwa njani? Umbuzo omkhulu yiwo lowo. Kusho ukuthi usewinile kanjalo lomfazi? Kwaze kwanzima ukuba indoda kulomhlaba omagade.

Akazange aze akucabange ukuthi kuzoba njena uSandile mhla egibela kulemoto yalensizwa eyayimsiza imuthola kuzonetha imvula. Ukube wayazi angikholwa ukuthi wayezogibela. Kwakunani limuthole izulu emile emgwaqeni? Ngoba vele akancibiliki akalona iqhwa nje. Buka namhlanje kunjani.

Sitshele umbono wakho: Yini eyenza ukuba uThemba aqhumise isibhamu?