Okubalulekile – U-Bookworm no-Zip

Uma uyibuka le ndaba ebhalwe uSifiso Mzobe, ethi UBookworm and Zip, ibukeka sengathi indaba ewuhlobo lwe-murder mystery. Kuyathokozisa ukuthi izigebengu zigcina zitholakele. Kodwa uma ubukisisa abalingisi, indawo lapho yenzeka khona kanye nendlela eyenzeka ngayo iyacacisa ukuhlukana okukhona emphakathini, ikakhulukazi indlela umphakathi uwonkana obuka ngayo ukuba ngumuntu wesilisa nowesifazane.

Ukulingana ngobulili kuyinto ebalulekile kwi Constitution yalapha eSouth Africa. Abantu abalwela amalungelo banesisho esithi abantu besilisa nabesifazane ba ‘different but equal’. Noma kunjalo, le ndaba ikhombisa ukuthi isayinde indlela okumele siyihambe ukuze sifezeke lesi sisho esithi ‘different but equal’.

Buka indlela uThando akhuluma ngayo nodadewabo omdala ekuqaleni kwale ndaba. UZikhona uyasebenza umsebenzi wosuku lonke, kodwa uThando uphendula ngokuthi, uma etshelwa ukuthi kumele afunde ukupheka: “Angikwazi ngempela ukupheka, Zikhona. Futhi ngingumuntu wesilisa. Yini kungapheki uNandi ngoba nguye ongumuntu wesifazane?” Ukupheka akuyi ngobulili! UThando uhlakaniphile esikoleni kodwa akaboni ukuthi abukho ubulungiswa kule ndlela abuka ngayo umhlaba ngobulili.

I-Human Sciences Research Council (HSRC) yabika ngalolu daba ekupheleni kuka-2012. Yathola ukuthi sebebaningi abantu besifazane abasebenzayo. Kodwa: “As a result it appears women are burdened with both household as well as workplace responsibilities. Such a double burden may place significant stress on South African households and could serve as a source of family tension and conflict.”*

No Nandi naye, ungenile emgibeni yokubuka impilo ngokuhlukana kobulili. Yena nabangani bakhe bathanda izinto eziphezulu, nempilo yobumnadi. Ukuze baphile le mpilo kumele bathandane namadoda amadala kunabo – ama-sugar daddie. Amadoda amadala ayakhokha; amantombazane amancane ahambe nawo bagcine ngokuya ocansini. Ama-‘Blessers’ nama-sugar daddie kukhulunywa ngawo kakhulu ezinsukwini zamanje, kukhona nama-websites axhumanisa ama-‘blesser’ nama-‘blessee’. Intombazane encane ikugcina kanjani ukuzihlonipha kulesi simo?

Lama ntombazane ‘athengiwe’ siyawabona e-tarvern kule ndaba ebhalwe uSifiso Mzobe. Abantu besilisa babona kuyilungelo labo ukuhlukumeza uZip osebenza e-tarvern. ITarvern yindawo egcwala abantu besilisa, noZip uyanaka ukuthi uZikhona akafanele ukubonakala ekule ndawo. Abantu besifazane ‘abahloniphekile’ abayihambi i-tarvern – futhi sibona indlela abaphathwa ngayo sibone ukuthi kungani. Noma kunjalo, ingabe sinalo ilungelo lokwahlulela labo abesifazane abathandayo ukuya ema-tarvern? Abesifazane nabo banelungelo lokujabula, bahlale noma inobani abathanda ukuhlala naye, noma kuphi, futhi bangahlukumezeki.

UZip uyiqhawekazi elinesibindi elihlakaniphile. Wahlukunyezwa istepfather sakhe wenza kwaba indlela aphila ngayo ukulwela amantombazane angakwazi ukuzilwela. Usebenza e-tarvern ebusuku kodwa empeleni umsebenzi awenzayo ukulwa nobugebengu. UZip noThando bavimba ukushushumbiswa kwamantombazane eyofakwa kwi-sex trade kwelinye izwe. I –Sex trade ikhombisa ubufakazi bokuthi abuphelile ubugqila kulo mhlaba esiphila kuwo.

Okunye le ndaba esikhombisa khona indlela abantu abamnyama besifazane abaqashwa ngayo bengama ‘domestic workers’ emindeni yabantu abamhlophe. Namhlanje nemindeni yabantu abamnyama isinawo ama-‘domestic helper’ ngoba umama nobaba womndeni bayasebenza. Kule ndaba kuvela ukuthi kweminye imindeni ubudlelwano phakathi komsebenzi ne-‘boss’ sekwaguquka kangakanani. Umndeni wabantu abamhlophe awusebenzelayo uZikhona uyamhlonipha. Bayabona ukuthi usebenza njenge-‘domestic worker’ okwesikhashana ngoba isimo singesihle ekhaya.

Njengoba ubona, le ndaba, U Bookworm and Zip ibukeka iyi-crime thriller kodwa isinika okuningi okumele sicabange ngakho singumphakathi wezwe lethu.

Sitshele: Emphakathini wakho, nakubantu ophila nabo ubona iguqukile indlela okubukwa ngayo abantu besifazane? Uma uvuma, sichazele ukuthi kanjani?

***

Useful links
If you, or someone you know, has experienced sexual abuse or is being used for forced labour, find out more in our Handbooks, here:
Sexual abuse: https://live.fundza.mobi/home/library/advice/sexual-abuse-handbook/
Slavery and servitude: https://live.fundza.mobi/home/library/advice/the-slavery-servitude-and-forced-labour-handbook/whats-this-right-all-about/
*The burden of domestic work: Read the full HSRC report here: www.hsrc.ac.za/en/review/hsrc-review-september-2013/shouldering-the-burden-gender-attitudes-towards-balancing-work-and-family