UZikhona u-ayina i-uniform yakhe yomsebenzi ngokushesha aphuthume agoqoze iphalishi elibilayo esitofini. Ubuka isikhathi abone ukuthi seligamenxe ihora lesithupha ekuseni. Umfowabo, uThando, esezinjulwini zobuthongo kumatilasi ophansi e-lounge.

“Vuka, Thando!” kumemeza uZikhona. “Sekuyisikhathi sokuya esikoleni!”

UThando ulizwela emaphusheni izwi likaZikhona. Uzwa isandla simnyakazisa, avule iso elilodwa, abone ukuthi nguZikhona lo omnyakazisayo.

“Kulungile, sengivukile,” kusho uThando ngezwi eligcwele ubuthongo. Kodwa uyazumeka futhi njengoba uZikhona eqhubekela egumbini lakhe ukuyovusa udadewabo omncane, uNandi. UZikhona ubuyela ekhishini ngokuphazima kweso, a-ayine imifaniswano yesikole yaThando noNandi.

“Ngizoba late emsebenzini ngenxa yakho noNandi,” kusho uZikhona ebeka umfaniswano wabo esihlalweni. “Sheshishani bo! Ningaze nibe late esikoleni.” UZikhona ukhomba ibhodwe elinamanzi abilayo esitofini, athi, “Nandi, amanzi okugeza aselungile.”

UNandi ucijisa umlomo sakucikeka, aqubule ibhodwe azihudule eyogeza.

“Thando, usuzoqedela ukupheka iphalishi.”

“Hawu, Zikhona, uyazi nje ukuthi angikwazi ukupheka,” kusho uThando.

“Kukangaki ngikufundisa ukupheka iphalishi?” kuthetha uZikhona. “Kwenzeka kanjani ukuthi isidabulane esiphasa ngamalengiso sihluleke ukufunda ukupheka iphalishi? Ungazodlala ngami wena.”

“Angikwazi ngempela, Zikhona. Futhi ke mina ngingumuntu wesilisa. UNandi yena akalipheki ngani iphalishi? Uyena oyintombazane.”

“Uyazi, Thando, ukhulile manje una-15 weminyaka. Ngeke ngalokhu nginenzela yonke into, nani kumele ningisize.”

Thando ushwaqa ebusweni, athi, “Mina ngiphekele uNandi? Njengoba edelela kanjena? Ngeke ukubone lokho.”

“Hhayi ke angazi nami ngoba uma lisha leli phalishi kusho ukuthi nobabili nizoya esikoleni ningadlanga.”

UZikhona uma phambi kwesibuko ngasesicabheni elungiselela ukuphuma. Uyabona ukuthi umfowabo uyambuka. Kunosizi olungajwayelekile emehlweni amakhulu kaThando namhlanje.

“Uyazi ukuthi ufana naye ncamashi? Uke umkhumbule kodwa?” kubuza uThando.

UZikhona uyashwaqa ebusweni, udidekile. “Ngikhumbule bani? Ukhuluma ngani, Thando?”

“UMama, Zikhona. Uke umkhumbule uMama? Selokhu asishiya emhlabeni angikaze nakanye ngikuzwe ukhuluma ngaye. Sekuphele iminyaka emithathu ungakaze uthi vu ngaye.”

“Uyaqala ngqa ukungitshela ukuthi ngifana noMama,” uZikhona uyeka ukuzilungisa esibukweni, aphenduke abheke kumfowabo. “Ngiyamkhumbula uMama, Thando. Awekho amagama angachaza indlela engimkhumbula ngayo. Kodwa ngeke salokhu sihlele osizini. Impilo kumele iqhubeke. Kumele siqine.” uZikhona ugqoka ijazi aphume ngesicabha, uphuthuma isitimela.

UThando uyagqoka e-bathroom ngesikhathi uNandi edla iphalishi. UNandi uwugalela kwelakhe iphalishi ushukela osalele uThando, agoqoze iphalishi alidle ngokushesha.

UThando uzwa kukhona ongqongqozayo esicabheni. Kuvuleka isicabha kuchwaze amazwi amantombazane: abangani baNandi. UThando akabafuni ngenhliziyo yakhe yonke. Abanye babo baneminyaka engu-14 vo kodwa bahlala kuze kuse ePhumza’s Tavern. Bonke bathandana nabafana abadala kunabo. UThando uyasola ukuthi kwaNandi lo wakubo usenaye umfana athandana naye.

UNandi nabangani bakhe babangisana ngokuzibuka esibukweni esiseduze kwesicabha. UNandi ubanika bonke i-lipstick kaZikhona, bazitike beziphophotha ngayo.

“Wathini uZikhona ngokusebenzisa izinto zakhe?” kusho uThando ethethisa uNandi.

UNandi ukweqa amehlo, “Phuma kimi, Thando.”

“Ngizomtshela uZikhona. Kwalento eniyigcobayo inenza nibukeke ni-cheap. I-Lipstick ne-school uniform akuhlangani.”

“UThando impimpi yokugcina phela,” uNandi uhlebela abangani bakhe. Baphumela emnyango begigitheka.

UThando ubheka isikhathi, abone ukuthi siyamshiya. Uphuthuma ekhishini aphake iphalishi. Uthi uma ezama ukukha ushukela athole ukuthi usuphelile.

“Indaba yale-spoiled brat enguNandi iyacasula!” umemeza efobela iphalishi elingenawo ushukela.

Ugaxa ujosaka ehlombe uThando, akhiye isicabha. Umoya obandayo uyaheleza njengoba ehamba kuParadise Road.

***

Sitshele: Kujwayelekile ukuthi izelamani zixabane kanjena?