Umfowabo kaSbusiso, uSthe, ungena ekamelweni ngemuva kokuthi uSbusiso avale ucingo. Kubuhlungu kuSthe uma efica uSbusiso ethule evevezela intukuthelo.

“Sbu, mfowethu, kwenzenjani? Angikaze ngikuzwe uphatheke kabi kanjena,” kusho uSthe.

“Uqonde ukuthi niyangizwa ngikhuluma la ngaphandle?” Kubuza uSbusiso ngamahlonyana.

“Yebo sonke sikhathazekile uma sikuzwa umemeza. Yingakho ngibone ukuthi kungaba yisu elihle uma kuyimi okulethela ukudla. Khuluma nami mfowethu. Kwenzekani?”

“Ngihlulekile njengendoda, Sthe. Ngihlulekile ukuzimelela lapho owesifazane ebengimthanda ngenhliziyo yami yonke engiphethe njengodoti. UNtombi usengihlukumezile emoyeni, kwesinye isikhathi nasemzimbeni, isikhathi eside manje. Ngihlulekile ukukhusela izingane zami. Nginamahloni ngokuba igwala.”

“Ungakhathazeki kakhulu, Sbu. Uyazi ukuthi kunzima ukuthi indoda ivume ukuthi ihlukumezekile ngokomoya nangokomzimba. Kuba sengathi sivuma ukuthi sibuthakathaka. Ezikhathini eziningi sikugcina ngaphakathi ngoba asinamuntu esingakhuluma naye.”

“Ungakusho ukuphinde lokho. Futhi sikufihla lokhu ngoba sifuna imindeni yethu ibuke kahle abantu esibashadile, kube sengathi senze izinqumo ezinhle ekukhetheni omaqondana bethu.”

“Kodwa ungazibeki icala kukho konke lokhu ngoba umphatha kahle uNtombi, umkhombisile uthando.”

“Kodwa sekwanele. Lokhu kugula kungisizile ngabona ukuthi ungumuntu onjani ngempela. Uma nje sengiluleme ngifuna idivosi. Ngike ngaxhumana nommeli.”

“Ngiyakuzwa, mfowethu. Akanendaba nawe uNtombi.”

“Sthe konke sengikulungise nommeli wami. Ngifuna imali yami inakekele izingane zami ngoba ngiyazi ukuthi uNtombi akanandaba nazo. Ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi bathola imfundo engcono kakhulu ukuze bathole ithuba lokuphumelela kulomhlaba ononya.”

“Uqiniseke ngalokho, Sbu. Kodwa ungakhulumi sengathi ngeke ube khona ukwenza konke lokhu. Amaphilisi ayasebenza. Ngiyakubona ukuthi uthola amandla nsuku zonke.”

Amamatheke uSbusiso. “Ngiyabonga mfowethu. Uwena njalo obona ukukhanya ezimweni ezimbi.”

“Yidla futhi uphuze amaphilisi, Sbu. Ngiyajabula ukuthi wenze lesi sinqumo.”

Kuphakathi kwamabili eGoli. UNtombi upaka phambi komuzi womngane wakhe. Uphethe ibhodlela lewayini njengoba engqongqoza emnyango.

“Lebo vula umnyango!”

“Wamuncu kangaka, Ntombi? Kwenzenjani?” Kusho uLebo eqeda ukuvula umnyango.

“USbu, kungaba yini enye?”

UNtombi ulandela uLebo, bagcine behleli endlini yokuphumula.

“Wenzeni manje?”

“Uyangilawula. Ufuna ukwazi ukuthi ngikuphi ngaso sonke isikhathi,” kusho uNtombi.

“Kuzomele umshiye ngoba unoSipho. Ulindeni?”

“Ngilinde umshwalense wakhe wokukhubazeka uqale ukhokhe. Ngeke ngikwazi ukuvele ngihambe manje ngoba uSipho akayenzi imali eningi ngokuba umshayeli wamatekisi.”

“Yimalini lo mshwalense?”

“Iningi, mngane wami. Sizobe sibhukuda emalini uma isiphumile!”

UNtombi uqhumisa i-champagne bese ethela ezingilazini ezimbili.

Sitshele umbono wakho: Kuzokwenzekani manje?