Asikho isikhathi sokukhononda, nokuzidabukela. UWufen nonogada basibuka ngamehlo okhozi. Kukhuluma wona amehlo abo, athi: uma siphambuka sizobulawa.

Ngiyamangala uma ngibona kunguye uWufen osiholayo uma sizivocavoca. Siqala ngama-squats ayikhulu, silandele ngama-push-up ayikhulu. Siphumula imizuzu embalwa ngaphambi kokuba asihole futhi sikhahlele phezulu. Nalapho futhi kuba yikhulu nganyawo lunye.

Ngijeqeza uNqo, ngesaba ukuthi uzosala ngoba ulimele edolweni. Kodwa ngiyabona ukuthi uhambisana nawo wonke umuntu – ubuso bugcwele ukuzimisela noma ngibona ukuthi usezinhlungwini.

“Imani!” kusho uWufen.

Siyama, sonke siyahefuzela.

“Kuhle lokhu engikubonayo! Zishayeleni ihlombe!” kusho uWufen.

Sishaya izandla kodwa akuzwakali ngoba umfutho asisenawo.

“Hheyi!” kumemeza uWufen. “Ngithi zishayeleni ihlombe! Asikaze silibone iqembu elikwazi ukumela ukuzivocavoca okunzima kanjena emuva kohambo olude kangaka! Ukube kuya ngami ngabe ngitshela uKapo anithathe nonke, angabulali noyedwa kunina. Niyangichaza, kodwa isinqumo akusona esami. Zishayeleni ihlombe!”

Siyazama futhi ukushaya ihlombe kodwa ukuzivocavoca kusimunce wonke amandla. Ihlombe esilishayayo alinawo umfutho.

“Ikuphi inkinga yenu?” kubuza uWufen ngolaka.

“Asinawo amandla ngoba silambile,” kusho izwi lomlisa waseRussia emuva kwami.

UWufen uhleka inhlinini, ahline ngokushesha.

“Awudli uma usempini. Noma anikaboni ukuthi nisempini? Anizelanga ukuzodla la. Nizolwela izimpilo zenu! Nizolwa kanjani, niphumelele, uma vele senikhononda? Nikhala ngendlala emuva kokungadli usuku olulodwa kuphela? Isosha alilambi, alikhathali, alikhonondi, alizeli futhi alilali. Emhlabeni esiphila kuwo kukabili.”

UWufen ukhokha umoya.

“Ungumzingeli noma uwena ozingelwayo! Kulenhlangano singabazingeli. Uma ukhetha ukuba into ethambile buza kubhanana ukuthi kwenzekani uma uthambile. Uyapitshizwa udliwe! Iyona into eniyifunayo leyo? Nifuna ukupitshizwa nidliwe?”

“Cha, Mnumzane!”

“Nazoke! Ingakho kufanele nizikhombise ukuthi nifanele ukuba ngamalunga enhlangano yethu. UKapo usefikile. Kufanele nimjabulise ngokuzikhombisa ukuthi ningababulali bangempela. Uma nihluleka ukwenza lokho nizobulawa.”

Sizwa ukuhlokoma kwehlombe kusondela. Siyazizwa neziqubulo ezithi: “Iya! Iya! Iya!”

UWufen ukhomba isicabha esisemuva kwakhe ngesithupha. Uyamamatheka athi, “Naba besondela. Senikulungele ukulwa?”

“Yebo, Mnumzane!”

***

Sitshele umbono wakho: Abantu bakhuluma ngokuthi kufanele ube ‘nomuzwa wokubulala’ kwezemidlalo ukuze uphumelele. Ucabanga ukuthi abantu abaphumelelayo kwezemidlalo kufanele babe nawo lomuzwa?