Uhambo oluya eHiroshima luyibamga elide, futhi kuyabanda. Into yokugcina engiyibonayo ewashini lomunye wonogada, ngaphambi kokuba ngizumeke, ukuthi isikhathi sithi 12:30 am.

Amaconsi angincinza emehlweni. Ngilokhu ngizumeka ngiphinde ngiphaphame njengoba isikhathi sihamba. Useyili omboze isikhenke seloli uyajuluka ngenxa yokushisa kwemizimba yethu kanye nelambu likaphalafini elilokhu livutha indlela yonke. Ngijeqeza iwashi likanogada futhi – sekungu 3pm. Sekuphele amahora ayishumi nesithupha sisendleleni.

Useyili uyavuleka ekhoneni, kungene amakhaza ashubisa umnkantsha, umoya ohelezayo kanye nokukhithika. Onogada bawubopha ngokushesha useyili.

Ngilala ngomhlane ngibuke phezulu kuwona useyili. Kade ngilele ngohlangothi sonke lesi sikhathi sihamba manje seluyaqaqamba uhlangothi. Ngiyazibuza ukuthi ngabe yini esilindele eHiroshima. Isisu siyakhala ngenxa yendlala. Ngizolwa kanjani ngilambe kanjena?

Ngidonsa umoya kakhulu, ngihogele iphunga elimbi elinyantisa igazi – kuyacaca ukuthi ukhona ozikhululile kupulasitiki wakhe. Ngenhlanhla useyili uyavuleka futhi, kungene umoya obandayo ulikhiphe leliphunga elimbi.

Ima nse iloli. Ngiyaqalaza ngibheka uNqo ngithole ukuthi ulele eduzane kwekhanda lami. Kukhala okhiye esikhenkeni seloli, kuvuleke izicabha.

UNqo uthukile njengoba evula amehlo. Kuba sengathi amehlo kade ebambe impophoma yezinyembezi ngoba kuthi uma ewavula kugeleze unyembezi, lweqe umbombo, lungene kwelinye iso, bese zigeleza ziyongena endlebeni.

Ngilula isandla ngizama ukumduduza uNqo, kodwa ahlehle abalekele isandla sami.

“Ngiyaxolisa, Nqo,” ngisho sakuhleba.

UNqo uvala amehlo, anikine ikhanda. Akafuni ukuzwa lutho oluqhamuka kumina.

“Hhayi bo!  Sengikhohliwe ukuthi kufanele siqale ngokuthulula amathayi!” kusho izwi lendoda esesicabheni seloli.

Ayathululwa amathayi, kuvuleke isikhala sokuba umoya obandayo usishaye ungavinjwe ilutho. Kuba sengathi singaphakathi kwe-deep freezer. Isibhakabhaka simpunga ngombala. Siyaqalaza sonke: siphakathi kwehlathi.

“Phumani!” kumemeza onogada.

Imibhobho yezibhamu ibuhlungu njengoba isihlokoloza emhlane siphuma singabhekanga phansi. UNqo uphuma kuqala, asakazeke phansi. Nakhu engasukumi. Nami ngiyagxuma. Umhlabathi uzwakala sengathi ungamatshe amancane. Ngiyashibilika kodwa ngikwazi ukuzimelela. Ngiyameqa uNqo, ngime lapho okuthiwa asime khona kanye nabanye esithunjwe nabo.

Onogada ababili bamile eduzane kukaNqo. “Sukuma!” kusho omunye wabo.

UNqo ubambe idolo, kuyacaca ukuthi usezinhlungwini.

Onogada bamsukumisa ngendluzula. “Kwenzenjani? Unenkinga?”

“Ngilambile futhi ngilimele,” kusho uNqo.

“Sukuma! Uma uhluleka ukusukuma sizokubulala njengamanje!”

UNqo usukuma ngokushesha, aqondise idolo lakhe elilimele. Uziqinisile ebusweni njengoba ethi, “Anginalutho. Ngempela, akuyilutho, angilimele.”

 ***

Sitshele umbono wakho: Uyakuthanda ukuthi lendaba yenzeka ezweni elikude, ezweni owake walibona kumabonakude kuphela?