Izindiza ezinophephela emhlane zindiza phezu kwethu kodwa izihlahla zihlangene phezulu, asiziboni. Ziyasuka ezihlahleni. Ngiyaqalaza ngiyibone indiza eyodwa ibuqamama. Kuyacaca ukuthi iyasibona ngoba iyabuya indize phezu kwethu futhi!

NoWufen uyayibona. “Anana! Thatha iziboshwa zethu ningene ehlathini. Thatha unogada oyedwa nifike nizibophele esihlahleni bese niyabuya ngokushesha nizosisiza sibambe lempi! Sheshani!” kusho uWufen.

Emuva kwemizuzwana embala kuduma izibhamu. Ngiyambona uWufen nabanye onogada bedubula indiza. Amaphoyisa nawo abuyisa ngokudubula.

Njengoba sibaleka amaphoyisa ayaqhubeka nokudubula. Kuleso sibhudubhudu ngiyakhubeka ngiwe. Eceleni kwami unogada uyahayiza, usezinhlungwini; inhlamvu imgebhule yasuka nesigaxa sezicubu esifubeni.

“Woza! Gijima!” kusho uAnana. Singena siphonseka ehlathini, sithole idwala elikhulu, sicashe ngalo, silunguze emuva.

“Ukuphi uAnton?” Kubuza mina.

Khona lapho sizwa uAnton ememeza: “Ngisizeni!”

“Hinshi, woza!” kusho uAnana, bephindela ehlathini lapho esiqhamuka ngakhona.

Ngithule du, anginyakazi. Amehlo wona ayehluleka, ajeqeza ngokushesha ngibuka lelihlathi eliminyene. Inhliziyo iyabhakuza.

Kuzwakala sengathi isikhathi eside ngaphambi kokuba uHinshi noAnana babuye, baxhake uAnton phakathi kwabo. Udubuleke esihluzwini Anton.

“Asinyakaze!” kusho uAnana.

Singena ekujuleni kwehlathi. Siyama, sikhokhe umoya, silalele ukuduma kwezibhamu. Ihlathi liminyene, alifiki ilanga phansi lapho sikhona.

“Hheyi!” kusho uAnana. “Lalelani nilalelisise. Kukhona indawo evulekile kuleli hlathi uma niqhubeka ningajiki ndawo. Nizokwenza kanjena. Nizo–”

Sizwa ukukhala kwamagatsha aphansi ehlephuka kanye nezigi ezisondelayo: baningi laba bantu abasondelayo.

“Anana! Anana! Anana!” kumemeza laba bantu. Uphenduka asibuke uAnana, akhombe idwala elikhulu eliseduzane. “Cashani kuleli dwala, ninganyakazi, ningakhulumi.”

Sithwala uAnton, sicashe edwaleni njengoba uAnana esuka ngejubane ehlangabeza amazwi abantu abambizayo. Sikuzwa kahle abakuxoxayo ngoba kuthulekile ehlathini.

“Zikuphi iziboshwa zethu, Anana?”

“Bangidukelile ngesikhathi ngibheke phezulu ngidubula indiza. Nibonile ukuthi unogada ebengihamba naye ufile? Labantu bangidukelile ngesikhathi ngidubula, bekushubile. Kade ngibabheka lapho engiqhamuka ngakhona kodwa abekho ngapha. Asisakazeke sibabheka. Kufanele sibathole!”

Silunguza kancane singemuva kwedwala, sibone uAnana ebakhomba kwezinye izindawo, hhayi lapho sikhona.

“Hambani! Asibathole njengamanje!” kusho uAnana.

Siyabukana sonke, simangele. UAnana ugijima afike kuthina. Udabula isikibha sikaAnton, abophe lokhu akudabulile akuqinise enxebeni elisesihluzwini sikaAnton. UAnana uyabona ukuthi simangele.

“Nami ngifana nani. Ngathunjwa uWufen noKapo ngineminyaka ewu 12. Angizange ngilithole ithuba lenkululeko. Ngaphenduka inswelaboya. Kodwa manje ngininika inkululeko … ngaphambi kokuba niphenduke nifane nami,” kusho uAnana.

Umsindo wendiza enophephela emhlane uyasondela.

“Kukhona indawo evulekile engekude uma usuka la. Nina hambani niqonde; angeke ningayiboni. Indiza izonibona uma nifika kuyona ngoba siyabonakala isibhakabhaka khona. Ngiyacabanga ukuthi bazowehlisa khona amasosha noma amaphoyisa ngoba iyona kuphela indawo okungahlala khona indiza kuleli hlathi.”

“Siyabonga. Siya–”

“Hambani! Hambani njengamanje! Nyamalalani bangaze babuye ngapha abantu bethu!” kusho uAnana.

Ucosha isibhamu sakhe, anyamalale ehlathini.

Sisuka ngejubane siyithole ngokushesha indawo evulekile, ekhanya ilanga. Nangempela: indiza egcwele amaphoyisa ithi cababa emuva kwemizuzu embalwa. Sigijima siqonde ngqo emaphoyiseni siphakamise izandla.

Amaphoyisa asithuthela edolobheni eliseduze.  Indaba yokuthunjwa nokusindiswa kwethu igcele izwe lonke; kugcwele izintatheli lapho sihanjiswa khona. Abosizo lokuqala banakekela uAnton ngokushesha. Ngimuzwa eqevuza izindaba ngibone ukuthi uzolulama.

Kodwa ukujabula kwami kuphenduka ukwesaba uma ngicabanga ngoNqo. Ngabe umngani wami ukuphi?

Emuva kwehora ngizwa ukuhlokoma ngaphandle kwesakhiwo esihlaliswe kusona. Ithi cababa enye indiza. Kuphuma inqwaba yalabo esasithunjwe nabo endizeni. Kodwa angimboni uNqo.

Ngizwa inhliziyo yami icwila emafutheni.

Ngibona abosizo lokuqala ababili bebuyela endizeni. Kuba sengathi inhliziyo yami uyaqala ukubhakuza uma ngibona besiza uNqo bemuqubulela ohlakeni. Akakwazi ukuzihambela kodwa ujabulile, uyahleka!

“Akuqhumanga ngisho nesisodwa isibhamu ngesikhathi amaphoyisa esikhulula. Abemaningi kakhulu; onogada bavele babeka izikhali phansi, baphakamisa izandla!” kusho uNqo.

Sibambene izandla njengoba ibhanoyi lithi cababa eKing Shaka International Airport. Siphephile ngokuphelele manje. Sesifikile ekhaya.

Kuvuleka izicabha lapho kungena khona abafikayo ezweni – sifikela kubantu abasebasha abaningi abagqoke ezimhlophe! Amakarateka asuka ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal azosihlangabeza. Kuyachwaza – ihlombe namakhwela- ungafunga ukuthi sibuye nayo indebe yeKarate World Tournament.

UHinshi usanda kungitshela ukuthi uWufen washona emvuleni yezinhlamvu zamaphoyisa. UKapo waboshwa nenqwaba yonogada bakhe.

Akwaziwa ukuthi waphelelaphi uAnana. Wavele wanyamalala. Ngimucabanga kaningi osukwini uAnana. Mina, uHinsi, uAnton kanye noMatsui sikhuluma ngoAnana njalo uma sixhumana kuWhatsapp. Siyabonga ukuthi wabuyelwa ubuntu enhliziyweni yakhe, wasindisa izimpilo zethu.

*****

Sitshele umbono wakho: Uma kuthiwa uAnana uyabanjwa ngabe kufanele anikwe isigwebo esincane njengoba asindisa amakarateka?