UMdu wayedumile ngokuba inswelaboya futhi ngangingafuni ukuba asondelane nomndeni wami. Kodwa kwangimangaza ukumbona engena endlini ephethe amakhekhe, isiphuzo esibandayo kanye nephakethe elikhulu lama-chips. Wangena emamatheka, wabeka konke etafuleni, wanethezeka esihlalweni. ULinda wayegone u-Owethu esihlalweni esiseceleni kwaleso okwahlala kuso uMdu.

Wagcwala ukukhathazeka ebusweni uMdu ngesikhathi ebona u-Owethu. Wafaka isandla ephaketheni, wabuya no R100.

“Ngicela uzamele umntwana into azoyidla, sisi,” kwasho uMdu, enika uLinda imali. “Akabukeki emuhle neze empilweni.”

ULinda wathatha imali, wanginika u-Owethu, waphuma endlini egijima. Sahlala kuthulekile endlini, ngashushuzela u-Owethu. UMdu wavula iphakethe lama-chips, walula izandla ezibhekise kumina.

“Nginike ingane,” kwasho uMdu.

“Ini?”

“Nginike ingane! Ngizomfunza ama-chips angaze aquleke. Kuyacaca ukuthi ifile indlala ingane yakho. Wena uzobe ugqoka ngoba kufanele sihambe uma kubuya intombi yakho.”

Ngangingafuni ukunika uMdu ingane yami. Kwaphela imizuzwana nginqikaza.

“Nginike ingane, Spha. Ucabanga ukuthi uzoshayela indlela yonke eya ePort Shepstone uqimbile ugqoke isikhindi sokulala?”

Wasukuma ngokushesha uMdu. Wayemamatheka futhi ekhombisa ukunakekela ngesikhathi ethatha u-Owethu ezandleni zami. Wahlala phansi esihlalweni, waqala ukufunza u-Owethu ama-chips. Ngabona, njengoba u-Owethu edla ama-chips, ukuthi kwakungokuqala eyeka ukukhala umntanami kusukela ngentathakusa. Wadla u-Owethu wamamatheka ngesikhathi ebona uMdu emdlalisa ngokuhleka nokumthinta izihlathi. UMdu waphakamisa amehlo wangibuka, kwanyamala ukumamatheka ebusweni kanye nokudlalisa u-Owethu.

Wayehlinile ngesikhathi engithethisa ethi, “Usamile la namanje? Sheshisa ugqoke, Spha! Kufanele siyolanda imali!”

Kwabuya ukumamatheka eqhubeka nokufunza aphinde adlalise u-Owethu. Kwaba ukubuya kukaLinda ezitolo saphuma sahamba.

“Ngena emotweni, Spha. Uwena ozoshayela,” kwasho uMdu. “Sizoqala silande uPadlock eChesterville.”

Ngama isikhashana ngaphandle kwemoto, nganqikaza ukuvula isicabha.

Ngathi, “Angiyazi indlela eya eChesterville.”

Wacasuka ngokuphazima kweso uMdu.

“Ucabanga ukuthi kuyadlalwa la, Spha? Ngasindisa impilo yakho. Ngakumela ngesikhathi uPadlock efuna ukukudubula. Ubona ukuthi ihlaya leli? Ucabanga ukuthi kuyadlalwa? Ucabanga ukuthi ngoba kade ngishushuzela ingane yakho ngizongabaza ukukufaka inhlamvu ekhanda njengamanje?”

Wadonsa isbhamu ngaphansi kwesihlalo, wasihlohla ngokushesha.

Ngahlahla amehlo, ngathi, “Ngiyazi ukuthi akudlalwa, Mdu. Ngiyazi ukuthi akushawa amahlaya!”

“Yehlisa umoya, Spha! Yeka ukusaba. Sinomuntu ongaphakathi lapho siyolanda khona imali. Siphethe imishini yangepmpela la, omagagamela, amageja azoshanela konke okusivimbile endleleni yethu.”

Wavula isikhwama esisezinyaweni zakhe, waveza ama AK 47 amabili kanye nesinye isibhamu esincane.

“Konke kuzohamba kahle, ungesabi. Wena umsebenzi wakho ukuqapha ngesikhathi singenile ngaphakathi, kanye nokushayela. Ngeke usithinte isibhamu. Kodwa ngifuna wazi ukuthi uma uke wabhayiza umndeni wakho kuphelile ngawo.”

Ngangena emotweni ngayincenga kancane emgwaqeni wobhuqu.

“Ungagijimi kakhulu. Landela yonke imithetho yomgwaqo,” kwasho uMdu ngesikhathi singena emgwaqeni owudedanendlala silibangise eChesterville. “Leli ithuba elifika kanye empilweni, Spha. Angifuni kwenzeke amaphutha.”

***

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi uMdu angawubulala ngempela umndeni kaSpha? Ubona ukuthi unomoya omuhle futhi akayena umuntu ongenza icala lokubulala kanye nelokubamba inkunzi?