ULondiwe wayephatheke kabi ngoba u-Asanda  esezoqeda isikole. Kwase kuyiminyaka eminingi u-Asanda NoLondiwe befunda ezikoleni ezizodwa ndawonye futhi bebe bengabangani. Kwakungamphathi kabi uLondiwe uma usisi wakhe eseya kwesinye isikole samabanga aphezulu ngoba sasiseduze nesakhe. U-Asanda noLondiwe babeyizelamani bebuye babe ngabangani futhi, impela lokhu kwakuyindida engajwayelekile ukwenzeka ikakhulukazi kwizelamani ngoba zaziwa ngokuthi ziyalwa isikhathi esiningi kodwa laba bona kwakungenjalo bebengamathe nolimi.

U-Asanda ufunda umatikuletsheni (ibanga leshumi nambili) ngonyaka we-2023 kuthi uLondiwe yena ufunda ibanga leshumi.  “Londiwe kungani ungasahlali nosisi wakho ngesikhathi sokudla la esokoleni?” kubuza umngani. Lo mbuzo waba nzima ukuba awuphendule, kwavele kwehla izinyembezi kuthe kusenjalo, kwakhala insimbi yokubuyela emagubhini okufundela. Wayehamba esula izinyembezi ezifihla ukuthi ubekhala ukuze abanye abafundi bangamboni ukuthi uyakhala ngoba bazolokhu bembuza ukuthi ukhalelani bese ebuyela emcabangweni wokuthi ngempela  uyahamba kungekudala u-Asanda.

ULondiwe noma bebekhona abafundi egumbini lakhe ayejwayele ukuhamba nabo kodwa babengasibona abangani njengosisi wakhe. Umama wabo wake wababuza  uma unyaka uqala ukuthi, kazi bayokwenze njani uma sebehlukana omunye eseya enyuvesi noma eyosebenza phesheya kwezilwandle. Lo mbuzo abawunakanga ngoba babekubuka njengephupho nje ukuhlukana kwabo, bakhohlwa ukuthi iminyaka iyahamba kanti futhi lokhu abakushaya indiva kuzokwenzeka kungekudala nje.

Endlini babebizana ngokuthi “Mngani noma shomi” Lesi senzo sabo sasimumangaza umama wabo ngoba yena lokhu wayengakujwayele ukukubona. Phela yena nosisi bakhe babejwayelene kodwa bengesibo abangani njengabo. Lesi simo kwakuyisimo esihle ezinganeni zakhe ezelamanayo kodwa akekho awayezitshela ukuthi kuyoba buhlungu kangaka uma sekufika lesi sikhathi sokuba bahlukane ngenxa yokuqeda isikole kuka-Asanda.

Lezi zelamani  zihlala ndawonye ekhaya kwesinye isikhathi balala egumbini elilodwa lokulala kwazise phela umama wabo wayethenge umuzi endaweni yaseGoli, kwanyama kayipheli kuphela amazinyo endoda. Kulengxenye ababehlala kuyo kuhlala abantu abadla izambane likapondo phela lapha umuntu unaka izindaba zakhe akukho ngisho ithuba lokuyonana kwamakhelwane. Emgwaqeni kuthulekile akukhali ngisho ibhungezi leli, komile gelekeqe. Umakhelwane umbona ngoba uphuma ngemonto nihlangana emasangweni enu. Kuba ukubingelelana nje bese kuyaqhutshekwa nohambo. Akekho obuza omunye ukuthi ngabe ungubani wakwabani? Kwesinye isikhathi senokwazana ngoba nimenyiwe noma kushoniwe seniyoduduza kulowomndeni.

Kumama wabo izelamani bazalwa baba bathathu, kukhona umfowabo omncane uTebogo ongumagcina kubo, ungumfana ophaphile kakhulu. U-Asanda ungumntwana ohlakaniphile kakhulu ngoba kusukela afika lapha eGoli esuka KwaZulu Natali endaweni yasemakhaya akakaze engasitholi isitifiketi sabafundi abaphuma phambili kanti futhi ngezimpelasonto ufunda esikoleni sabafundi abaphuma phambili kwizibalo nakusayensi. Nakuso lesi sikole uphuma phambili ngisho nakwingxubevange yabafundi abayiziqengqe abaphuma ezikoleni ezahlukahlukene. “Impela ngibusisiwe ukuba ngibe nabantwana abahlakaniphile njengani,” kusho umama ka-Asanda.

Umama wabo unguthishela esikoleni samabanga aphansi kanti futhi ufundela iziqu zokuba ngudokotela emkhakheni wezezilimi enyuvesi. Umama ungumcabi wendlela emndenini ucabela abantwana bakhe ukuthi babone ukubaluleka kwemfundo. “Bantwana bami, ningibona ngifunda sengikhulile nje ngifundela nina ukuthi nilandele ezinyathelweni zami. Nazi futhi ukuthi imfundo ibalulekile iyisikhali enonqoba ngaso kulomhlaba futhi nibe nekusasa eliqhakazile kunelami. Uma nifunda fundisisani ngendlela yokuthi izinkampani ngisho nohulumeni imbala kube ibona abanifunayo lapho ningakhona ukuze  baninike imifundaze kanye nemisebenzi noma niziqalele awenu amabhizinisi nje ningalindeli ukuqashwa,” kukhuluma umama.

“Asanda,” kumemeza umama. “Yebo mama,” kusabele u-Asanda  “Ngiyacela mtanami ukuba ube yisibonelo esihle ezinganeni zakwenu. Ngiyazi ngikuthwesa umthwalo omkhulu kodwa lokhu ngikwenza ngoba ngikwethembile ukuthi ungakwenza ngale kokungabaza,” kukhuluma umama. “Ngiyezwa mama ngizokwenze njengoba ucela noma nje usisi wami omncane ngingasamqondi kahle kulezi zinsuku. Selokhu ngaba kumatikuletsheni usezivalela egumbini lakhe lokulala akhulume nomakhala ekhukhwini wakhe, akasanginaki njengasemihleni. Kazi kwenzenjani?,” kuphendula u-Asanda. “Hawi! Kanti nawe uyakubona lokho, bengithi yimi ngedwa engikubonayo, uma ngifika ebuka umabonakude uvele asukume aye egumbini lakhe lokulala kazi kwenzenjani?” kubabaza umama.

ULondiwe no-Asanda abasenaso isikhathi sokuthi bahlale ndawonye baxoxe, bahleke babuye behlele ikusasa labo ndawonye kanye nokuthi bazikhiphe nje impela asikho isikhathi, sidliwe yinja. Isikhathi esikhona manje esezincwadi lapho wonke umuntu manje ubheke ukuphela konyaka ukuthi ngabe uzothola amaleveli ayisikhombisa amangaki?. Umama ubeke umklomelo  wemali  ozotholwa yilowo ozofika esivumelanweni esibekiwe mhla kuqala unyaka, kudela owaziyo ukuthi kazi iyozala nkomoni ekupheleni konyaka.

Ucabanga ukuthi uLondiwe bazomsiza kanjani ukuthi abhekane nesimo sokuhlukana no-Asanda ongumngani wakhe omkhulu?