Igama lami ngingu-Agnes Molope. Ngineminyaka eyishumi nesikhombisa. Ngithanda ukufunda izincwadi, izilwane, izinsuku ezinemvula, ukubuka u-Generations, kanye namasemishi kashizi athosiwe.
Kanti njalo ngiyisishaywa.
Indaba ayikho ekubeni yisishaywa kwami, kodwa nakho kuyavela. Yindaba emayelana nesikhumba sami, isikhumba engiphila kuso. Yindaba emayelana nami. Yindaba emayelana
nendlela engibukeka ngayo, nokuthi lokho kube nomthelela kanjani empilweni yami.
Kodwa isikhumba sami asiyimina. Mina ngiyimi. Isikhumba sami … siyisikhumba nje.
Ngaphambi kokuba ngiqale indaba yami ake ngikufundise kancane ngokuba yisishaywa.
Izishaywa zingabantu abanezikhumba ezingenambala. Lokhu kubangelwa ukuthi izikhumba zabo aziyikhiqizi i-melanin, nokuyinto eyenza isikhumba sakho sibe nsundu, sibe phinki, sibe
phuzi futhi sibe sashokoledi. Ngakho thina simhlophe kakhulu futhi sidinga ukuthi singabi bikho elangeni. Ngeke uthande ukubona isishaywa esishiswe ilanga. Yazi ukuthi ngiqinisile uma ngithi asibukeki neze kahle.
Namehlo ethu awakwazi ukumelana nokukhanya. Isikhathi esiningi ngigqoka izibuko zelanga, ngesinye isikhathi noma ngingaphakathi endlini, uma amehlo ami ebuhlungu. Lokhu
kungenza ngibukeke njenge-vampire, kodwa ayikho into engingayenza.
Esikoleni nginenqwaba yamagama engigconwa ngawo: uSnowy, uSnowball, uBleach, uGlow-worm, uSpooky, uGhost kanye noWhitey, imbala. Ngaphambi kokuba ngiye esikoleni, ngangizihlalela noMama ekhaya, wayengakaze angiphathe sengathi ngihlukile
kwabanye. Wayethi ngiwucwecwana lweqhwa elehliswa uNkulunkulu.
Sengizwe izinkolelo eziningi ezimangazayo ngezishaywa. Ukuthi sinamandla amakhulu, singabulala okuthile ngokuqhamuka nje, siqalekisiwe, noma ukuthi ukuya ocansini nesishaywa kungelapha izifo. Kholwa uma ngikutshela ukuthi – akukho nokukodwa
kwalokhu okuyiqiniso.
Kodwa vele, le ndaba ayiphathelene nokuba yisishawa nje. Indaba imayelana nami. Kuningi
ongakuthola ngomuntu kunalokho okubonayo. Ngifisa sengathi wonke umuntu emhlabeni
angakuqonda lokhu. Mhlawumbe ngemuva kokufunda indaba, kukhona umuntu oyedwa
noma ababili abazokuqonda lokhu. Kungakuhle lokho!
Ngifunda eRosemont High, eku-Hope Street endaweni yasesilungwini yabadla izambane
likapondo engekude nasekhaya. Ngiyacabanga ukuthi lesi yisikole esikahle. Asikho
engingasiqhathanisa naso ngoba ngilokhu ngaqala ukufunda, ngifunda kuso. Amapayipi
amanzi asethanda ukubola futhi ngesinye isikhathi kuye kudingeke ukuthi ulinde amanzi
acwengeke uma uvula umpompi, kodwa ngaphandle kwalokho, ngicabanga ukuthi into
engatheni leyo.
Akusona isikole uqobo enginenkinga ngaso. Abantu abafunda khona. Cishe kunabafundi
abayi-540 esikoleni sethu futhi ngingathi nje eqinisweni amaphesenti angamashumi
ayisishiyagalolunye abo awanamusa.