UBella wayenesithukuthezi, kanti uMama kwakumele ahlanze indlu.

“Thatha uNoodle niphume kenishaywe umoya,” kusho uMama.

UNoodle walandela uBella baphuma bahlala ephevumenteni. UBella wadonsa umoya kakhulu wahogela umoya. Kwakungewona umoya omusha oqabulayo. Wawunephunga lentuthu yezimoto eziminyene emgwaqweni.

best-sound-illo1-col-flat-lores

Vu-um! kuduma imoto. Popopo! enye isho ngomsindo. Koqo, koqo, koqo! kwedlula isithuthuthu. Gedle-gedle-gedle! kukhehlezela iveni endala esho ngamathaya ayizimpahla nomzimba omdala osubolile.

UBella wayeseqala ukubala imisindo emzungezile. Yayisimine ngokushesha! Grrrrrrrrrrrri! kusho idrili emgwaqweni. Hhhhhh! kuhhonga uNoodle uma ezwa umsindo wedrili.

Gqu, gqugqu, gqugqugqu! kuduma umsindo womculo osholo phezulu uphuma etekisini.

Klifiklifiklifi! kwasho intokazi ikhulumela phezulu kumakhalekhukhwini wayo. Qhwa, qhwa, qhwa! kuqhwashaza amaxhumela ayo ephevumenteni ngenkathi yedlula. Hi, hi, hi! kuhefuzela ozivocavocayo egijima edlula ngakuBella. Wu-wu-wu, wu-wu-wu! uNoodle ekhonkotha ogijimayo. Viyo, viyo, viyo! kusho umfana webhayisikili eshaya umlozi.

“Imisindo EYISHUMI NAMBILI!” kusho uBella. Kodwa-ke yonke le misindo eyahlukene yayisiqala ukwenza ikhanda likaBella lizulazule, ngakho wama ukubala, wayesethi, “Woza, Noodle, asiye ngemuva kwendlu lapho kuthule kahle khona.”