Langa limbe uNeo, uJosh noHope babesendlini kaGogo. Kwakumnandi kudelile bexoxa izindaba, behleka kunjeyaya, bebanga nomsindo.

“Shhhh!” kwasho uGogo. “Angisezwa nokuthi kuthiwani emsakazweni. Sondelani, wozani silalele uhlelo lwami engiluthandayo.”

Bonke bathula cwaka balalela. Kusenjalo bezwa umsakazi ebiza igama lepaki langakubo.

“Hhayi bo! Ubize ipaki lethu! Laze laduma bo!” kwasho uNeo.

“… noTiniso, owaziwa kakhulu ngokuthi uTin, uzobe ekhona epaki namhlanje ntambama kanye neqembu elidume kakhulu, iWe Can Band Amaciko avela eZimbabwe, eNigeria naseMalawi azobe enandisa. Wonke umuntu uvumelekile ukuba azozijabulisa kulo mcimbi.

“Gogo,” kwasho uNeo, “uzwile ukuthi bathini? Kuthiwa wonke umuntu wemukelekile. Siyacela ukuya bandla nathi! Siyacela!”

UGogo wabuka uNeo wamamatheka. “Uma abazali bakaJosh noHope bevuma, nawe-ke ungaya,” kuphendula uGogo. UJosh noHope baphuma begijima okonyazi beyocela kubazali babo imvume yokuya emcimbini epaki.

Lapho sebebuya bezolanda uNeo, uHope watshela uGogo ukuthi uBella uzobe ekhona naye epaki ehamba nonina.

“Kulungile, hambani ke. Nihlale ndawonye ningalahlekelani,” kwasho uGogo.

Epaki, uNeo wabona uBella ekanye nonina; kwakukhona ngisho noNoodle, inja yabo phela! “Ngibona sengathi idolobha lonke ligcwele lapha,” kuphawula uNeo. “Kukhona ngisho nabavela kwamanye amadolobha.”

“Lalela …” kwasho uJosh. “Yini kube sengathi kunabantu abakhuluma isiFulentshi nje?”

“Ngempela!” kwasho uHope. “Futhi ngizwa nabakhuluma isiChichewa nesiShona.”

UNeo wabamba ingalo kaHope. “Buka,” kwasho yena, “UTin usengenile esiteji! Kodwa pho iphi iWe Can Band?”

Engakaphenduli nokuphendula uHope, uTin wasondela embhojeni. “Sanibonani nonke!” kusho yena. “NITHINI? KUNGANJANI SIWUVULE MANJE LO MCIMBI?”

“Yebo, bo!” kwamemeza izethameli ezazikhona.

UTin waqala ukudlala isigingci sakhe. “Yishoni emva kwami,” washo waqala ukucula. “Unyawo lwesokunxele emuva.”