Pic 4

“Indaba yami imenze wazizwa engcono,” kusho uSisanda kumkhulu wakhe ngesikhathi efika ekhaya.

USisanda wayevame ukuvakashela indlulamithi encane ntambama kanye nangezimpelasonto. Kanti njalo uma eya khona, wayephatha enye indaba azokwabelana ngayo nenkonyane. Abangani ababili abasha babebukeka bebahle bendawonye kangangokuthi nezivakashi zazibathatha izithombe.

Kancane, kancane, indlulamithi yaya isimama. Abantu basesiqiwini sezilwane babeyinakekela kakhulu, kanti nalo lonke uthando lomngani wayo omusha, uSisanda, lwalusebenza njengomlingo.

Ngelinye ilanga umphathi wesiqiwi wacela uSisanda ukuthi aqambe umngani wakhe omusha igama.

“Ngicabanga ukuthi lihle igama elithi: Thokozani,” kusho uSisanda.

Ngosuku olulandelayo umphathi wesiqiwi washayela ucingo uthisha kaSisanda. Wamema bonke abafunda noSisanda ukuthi bazobona uThokozani. Indlulamithi enhle yayisikhule yaba yinde futhi yanamandla ezinyangeni ezintathu kusukela ngosuku lokuqala uSisanda eyivakashela.

Ngosuku lokuvakasha, izingane ezifunda iBanga lesi-3 ezingamashumi amane zazilinde zibheke ngamehlo abomvu ukuvulwa kwamasango esiqiwi. USisanda wayesezihola ngokuqhosha zonke sebeya kuThokozani. Ezinye izingane zabuka le ndlulamithi ende ngokumangala. Ezinye zagigitheka kodwa zinovadlwana. Uthisha wazo, uNkosazane Khanyile, wavele wamamatheka nje.