pic2

Mina nomngani wami uKiki sithanda ukuhamba sihlola, kanti indawo yakithi siyazi njengoba sizazi.
Ngesikhathi siphuma esikoleni, besixoxa ngezindawo esifisa ukuzihlola ngalelo langa.

pic3

Sanquma ukudlula sivundle inkundla enkulu engakhiwe eduze kukajantshi omdala, nakuba ubaba kaKiki wayeke wasixwayisa ukuthi singahambi khona.

Emva komzuzwana, sabona ukuthi indoda ende efake ijazi elide elimnyama yayilandela kancane emva kwethu.

pic4

Sahamba kancane siqalaza indoda. Ubuso bayo babufihlike izinduna. Izindebe zayo zazincane kakhulu ukuthi zazingamboza amazinyo ayo ansundu. Yayinesibazi esi dephile esivundle ebusweni bayo.

Yayisilandela!