““Kulungile,” usesho njalo ekugcineni, “ngizokubuyisela imali yakho.”

“Yethembisa futhi ukuthi usuzosika isinkwa izingcezu ezine ezilinganayo,” kukhuluma uJabu ngeqholo elikhulu.

Ubab’ uMkhize nangempela wethembisa ukuthi uzokwenzenjalo. Usesusa isikhwehlela emphinjeni wakhe, wasekhulumela phezulu ethi, “Nami athembisa ukuthi mina ngizonezela atchar more and chips ngaphezulu ukuze kotas yami.”

Nangempela ubab’ uMkhize waqala ukongeza amaships ne atsha kumakota akhe ayeyizingcezu ezine zikalofu wesinkwa.

Masinyane iningi lezingane zabe sezithenga kuye, isphaza sakhe saqala sagcwala. Wagcina esekwazi ngisho nokuqasha omunye umuntu ozomsiza.

Manje sekunomqhudelwano onokuthula phakathi kuka bab’ uMkhize nobab’ uMtawung, futhi wonke umuntu uthokozile.