Ngase ngilikhohliwe lelo phupho kuqala isifundo sokuqala esikoleni. Kwakufanele ngifundele ukuhlolwa kwangakusasa, kodwa ukuphuza kwempelasonto kwangikhubaza ngezwa nginegcindezi. Ngathatha isithongwana egumbini lomngani wami esayongena ezifundweni zakhe zeTechnical Drawing.

Ngagqolozela udonga kancane ngazumeka. Kwakuwukuzumeka kwangempela ngoba ngazama ukulimisa iphupho elangihlasela kodwa ngehluleka. Lalilokhu liqhubekile nokungishayisa ngovalo. Kulona kwakukhona uSimphiwe, kodwa futhi engekho kahle ngoba wayengabonakali. Wayekude ememeza ngaleya kotalagu. Kungekho lutho emuva kwakhe, utalagu kuphela lunyakaza ebumnyameni. Indlela ayekhuluma ngayo yayinokungisola kakhulu.

Wathi, “Kubo bonke abantu, Khulekani, bengithi uwena ozongithola. Uyazi ukuthi kubanda kanjani lapha engikhona? Uphathe into yokwembatha uma uza ngapha.”

“Yiphi into yokwembatha?”

“Uphathe ibhantshi lami leNike elinethikhi omhlophe.”

“Uyazi nje ukuthi walidayisa wabhema iwunga.”

“Phatha noma iliphi-ke, ngiyafa amakhaza lapha.”

Ngavuka ngathi gubhu sengiconsa umjuluko, ngathatha isikhwama sezincwadi ngabona indlela eya eMlazi.

Itekisi yangishiya ngasebhusha ngakubo kaSango. Ngangiwazi umndeni kaSango, ngazi ukuthi abazali bakhe base bathathe umhlalaphansi emuva kweminyaka befundisa. Wawumuhle umuzi wakubo, utshani nezimbali zihlale zisesimweni esihle. Sisebancane sifunda amabanga aphansi, uSango wayefika ngakithi ezodlala ibhola kodwa thina singayi kubo. Utshani bakubo babubuhle kakhulu ukuthi bungagugiswa yithina nebhola lethu.

KuSango bakhulisa umuntu oqotho. Ukwazi abantu kwamenza wathola umsebenzi omuhle eziphumela nje esikoleni. Wayesezoshada intombi ayithole esontweni. Impilo yakhe yayihamba kamnamdi. KuSango abazali babekhulise kahle. Isimanga kwakuyindodana yabo encane, uDumisani, owakhula wehluka kakhulu kuSango. Wawungaphika ukuthi abandawonye. Ngendlela uDumisani ayetetema ngayo esemncane abangani bakhe baze bamqamba igama elithi nguButter. Kwashaqeka wonke umuntu esekhula ngoba waphenduka umdlwembe – wayeka ukufunda, wadla izidakamizwa, wakhipha umphefumulo.