Ngangicabanga ukuthi uSimphiwe uzobe esebuyile m lapho ngivuka. Ngizitshela ukuthi ngizophaphama elele egqokile njengenjwayelo, izinyawo zakhe zinukisa indlu yonke. Ngaze ngamemeza igama lakhe ngizitshela ukuthi umbozwe yingubo. Lutho.

Ngangithi ngizovuka uMama esesesontweni ngoba kwakuyiSonto, kodwa wayezihlalele esihlalweni ebuka phandle, amehlo akhe ebomvu ukukhathazeka.

“Ma, ubuyile nje uSimphiwe?”

“Cha, akabuyanga. Awumtholanga izolo?”

“Lutho.”

“Iyangikhathaza indaba yakhe.”

“Ungakhathazeki, kungenzeka ukuthi udidwe izinsuku. Phela le wunga yabo iyabadaka. Awuyi esontweni namhlanje?”

“Cha, siyobona abagulayo kuleli sonto.”

“Ngike ngezwa kuthiwa ubonakale kwa-merchant emjondolo ngoLwesihlanu. Ngizoya kombheka khona.”

“Ubungakwenza izolo lokho. Kanti ngempela kwenzekani ngawe?”

“Ngizwe sekusebusuku ukuthi ubelapho. Bengingeke ngikwazi ukuya emijondolo ebusuku ngoba kubanjwa inkunzi. USazi wakwamakhelwane usesibhedla nje ngoba wagwazwa khona ebanjwa inkunzi.”

“Uvinjwe yini ukuthi uye khona njengamanje? Ungiphendula nje ukhafuka notshwala. Utshwala kuphela nje into oyaziyo. Le ngane ibukela kuwena, yikho nje inhlanhlatha kangaka. Into oyaziyo nje ukungiphendula.”

“Ngenzeni manje mina, Ma? Njalo uma kuhlupha uSimphiwe uthethisa mina.”

Itekisi eyayizobalanda yama esangweni.

“Sizoyiqeda le ndaba uma ngibuya,” waganklaza isicabha.

Ngambuka engena etekisini wahleka, ebingelela abanye omama. Wahlala phansi, ngokukhulu ukushesha wabuyela esimweni sokukhathazeka.

NgeSonto ngangejwayele ukuthi ngifunde ngoba uMama wayeba sesontweni, uSimphiwe aye kobhema. Ngangisisebenzisa kahle leso sikhathi kuthule ekhaya. Ngangithi ngizofundela ukuhlolwa okwakuzoba sezinsukwini ezimbalwa ezizayo kodwa ngazithola ngicabanga ngoSimphiwe. Izincwadi zami zazivuliwe phambi kwami kodwa amehlo ayelokhu ebuka phandle. Abuyela endlini emuva kwesikhathi eside, ngazithola sengibuka izindondo zikaSimphiwe zokugijima nezomkhalambazo, nesithombe sakhe ehleka uhleko engangikade ngalugcina. Ngazama ukufunda kodwa ngalokhu ngicabanga ngaye.

Ngazama ukuthatha isihlwathi kodwa ngazithola sengibuka umdwebo owawusegumbini lethu. Wawudwetshwe nguye uSimphiwe esebenzise umsizi kwaphuma esihle isiziba. Ngendlela engangijule ngayo kulowo mdwebo ngaze ngabona amanzi akhona ecwebezela sengathi ayanyakaza, ngezwa izinyoni ayezidwebe phezu kwesiziba zicula. Ngasukuma ngaleso sikhathi ngavula umnyango ngayombheka umfowethu.