Mhlaba ngenzeni kuwe
Wangihlaba ngingenabani
Wangihlaba ngingenalutho
Ubumnandi bempilo angibazi
Injabulo yempilo angiyazi
Usizi nenhlupheko kubuzwa kimi
Okuhle empilweni angikwazi
Hhayi ngibuthwele ubunzima
.
Mihla namalanga ngiyakhala
Ziyagobhoza zaze zoma
Ngibalisa ngosizi nenhlupheko yami
Lapho kungekho muntu oseduze
Lapho kungekho oyakungikhusela
Ngaphenduka umntshingo ubethwa ngubani
Sengaba yichwane lenyoka
Elingu mazibonela
Kanjani kulufifi kimi
.
Kulufifi ayisabonwa eyempumelelo
Ngazama ngehluleka
Ngaba yisahluleki
Mhlaba ungehlule
Ngingaphilelani kulomhlaba
Sengafana nofile ephila
Sengafana nongekho ngikhona
Ngiyiqatha elinganukwa nayizinja
.
Ngiyakhala ngowangiletha kulomhlaba
Wathi Sandile ekhaya
Kanti Sandile ngenhlupheko
Ngivumeleni ngiwushiye lomhlaba wosizi
Ngihambe ngiye kwelamathongo
Mhlawumbe ubuthongo ngiyobuthola