Ngikhulile ngidla izinyembezi
Akunambithekanga kepha kujwayelekile
Imithambo yenhlizyo yami yaphuka kuhl’ okwamagantsha
Umphefumulo wam’ ungumthombo oshileyo
Ngizoyixoxela bani kodwa lendaba engaka
Kuhle ngixoxele iphepha

Ngisizeni nina zinyoni ngiphakame
Yekelani umona sibambisane
Abangani baphenduka izimamba
Zona zicasha ngehlathi lokumamatheka
Ngizoyitshela bani kodwa lendaba engaka
Kuhle ngixoxele iphepha

Mfowethu wangixhawula sangaqina isandla
Wachaza kepha incazelo yakho yabhimba
Uyixoxelile inhliziyo ngalo luhambo
Impela ukuzikhukhumeza kungushevu wezuwula
Ngizoyixoxela bani kodwa lendaba engaka
Kuhle ngixoxele iphepha

Bazibona behlakaniphile emathuneni ezingqondo
Baphusha umzabalazo bathengisa amanga nge-dollar,
Izikhulu ziwugqibile umnotho ngenkohlakalo
Empeleni kuyethusa
Ngihlupheka kanjani umama Africa wangishiyela amafa egolide
Ngizoyixoxela bani kodwa lendaba engaka
Kuhle ngixoxele iphepha.