Silwisana nawe nkunzana ebulala isizwe
Wena obhubhisa izimbali ezimelwe ukuqhakaza
Lapho zisaqhibukisa okwamakhowe zibunise okwembali

Uzenza inkunzana ebhonga kuzwakale
Ushaye phansi kwashunqa uthuli
Sikhona ke thina bomakhonya sizishaya izifuba silwisana nawe
Sigabe ngesikhali sakwaMfundo
Sizokudinda, sikugxokogxe, sikuyise kwagoqanyawo

Ugcwalisa ubugcwelegcwele obugcwele
Inkece esiyijulukelile siyizwa ngendaba
Angithi abakithi baholela wena mkhohlisi ndini!

Ikati lilele eziko
Izinhloko zamakhaya zilele kuwe
Zithokomele ubuso bubhalwe injabulo
Kuthina ke izinhliziyo zigaya izibozi
Yinikinikana lani lona leli?

Amehlo ethu athe njo kuwe
Imicabango igxile kuwe nemilolozelo egubhayo ingawe
Ziphi uzimbali zesizwe?
Aphi amabhungu?
Sibuza kuwe Sidakamizwa Ndini.

Kuzulazula uMfundo akasenandawo yokunethezeka
Sitshele, kahle baphi abaholi bakusasa kuleli?
Sidakamizwa Ndini

Usuzenza umangqingqiza wena
Usuzenza uSibuso kulemihla
Uzitshela ukuthi angeke sicanase
Singesaba wena thina?
Lento engenashoba lokuziphungela

Thina asizobuyisela amathe kasifuba
Nathi sizobhonga sihlabele abakithi umkhosi
Sibavule amehlo
Nali ikusasa labo libaphunyuka
Khona bezohlala amagqozi bashaye phansi ngonyawo kanye nathi.
Silwisana nokusetshenziswa kwakho Sidakamizwa Ndini!