Ngisendleleni yakho yini?
Imibono yami iyakwethusa?
Ubukhona bami bukuthathela okuthile?
Pho ungibangisani!?

Ngibheke!
Ubonani?
Into ongadlala ngayo?
Into engenamandla?
Into engathi shu?
Into ongayimosha bese uyibulale?
Cha! Akumina lowo
Okokuqala ngingumuntu
Awungiboni na?
Okwesibili ngingowesifazane
Ukungabi khona kwami isizwe asikho
Awazi na?
Okwesithathu ngingumama, usisi, umngani …
Uphandlwa yini ukubona lokho?
Ungibheka ujahile na?

Uma ngikubona, umzimba wami uyathuthumela
Uma uza eduze kwami ngishay’wa uvalo
Haibo! Yiphutha lami yini ukuthi ngingowesifazane?
Angikhethanga ukuthi ngibe owesifazane
Noma bekuthiwa ngikhethe ngizokhetha lokho engiyikho ngiphindelela

Uma ngikuhlula hlukana nami phansi
Uma unezinhloso ezimbi jika ubheke le
Uma ngikukwatisa dlalela kude nami
Uma ngingakwanele jika ubheke le
Asikho isizathu sokuthi ungilimaze

Kahle-hle ngenzeni engaka?
Ngikwehlise isithunzi na?
Ngicela uxolo
Ngikuzwise ubuhlungu yini?
Ngicela ungixolele
Ngakukhohlisa yini?
Ngiyaxolisa
Ngakudelela yini?
Ngixolele!
Ngenzeni engaka?
Sibangani engaka?
Ungiphatha ngesihluku
Asikho isizathu sokuthi ungibulale

Ungibangisani engaka?
Ngithe angifuni!!
Awungizwanga yini?
Angifuni!!
Ngiphinde na?
Ngithi angifuni!!

Ukumemeza kwami akukuthinti yini?
Yingani ungangiyeki uma ngimemeza?
Ukukhala kwami akukuhlabi na?
Yingani ungangiyeki uma ngikhala?
Kahle-hle yini okumele ngiyenze?

Wenziwa ukuthi awungiqondi?
Shono, ubani owathi kulungile ukungilimaza?
Ngikhombise yena lowo muntu
Muphi?
Wenziwa ukuthi uyindoda?
Nami ngingowesifazane
Awusho ubani owathi kumele ngikhokhe ngempilo yami?
Ngikhombe kuyena lowo muntu
Muphi?

Inhliziyo yami ibuhlungu, awuyiboni na?
Icons’igazi, awuliboni na?
Amandla awasekho, awuboni na?
Buka amehlo ami, agcwele izinyembezi
Zesule!!
Buka umzimba wami, unezinhlungu
Zipholise!!
Bona ubuthakathaka bami
Ngivikele!!
Bona umphefumulo wami uphukile,
Ngilungise!!

Uzongivikela nini?
Anginawo amandla okuzivikela
Kanti uzongilwela nini?
Angikwazi ukuzilwela
Ngizohlonishwa nini nguwe?
Angithandi amagama ongibiza ngawo
Uzongithanda uma kwenzenjani?
Angithandi indlela ongiphethe ngayo
Uzobubona nini ubuhle bobukhona bami?
Angazi ngingakubonisa kanjani

Ngibalulekile
Ngaphandle kwami, awukho wena
Nawe ubalulekile
Ngaphandle kwakho angikho mina
Sonke sibalulekile
Manje, sibangani?