Konke sekwadilika
Amahlathi aphela nya
Ngasala ngincela isithupha
Vele ngingasho ukuthi ngiyintandane
Ngoba ngiyasikhihla ngiphinde ngizisule

Umama yena akanaso esami isikhathi
Mangivesane ngimbize
Uvesane acasuke ngathi angiyona eyakhe
Kanti inkinga akusiyena eyakhe
Yilento abamenza yona
Lento iyankenketha emqondweni wami
Ingiphula inhliziyo
Anginaso isifuba sokuthi ngiyibeke
Akungcono nginitshele

Umama wadlwengulwa asemncane
Ngeshwa wathola mina
Kushukuthi empilweni yakhe angisona isibusiso
Lokho kubuhlungu
Uthi njalo uma engibuka
Yonke lento uyayikhumbula
Yingakho angiqamba ukuthi nginguSikhumbuzo
Kushukuthi empilweni kamama ngiyinkinga
Yingakho enomlolozi ongejwayelekile