Abazali bazalile bayalile
Ogogo bakhihla esikaNandi
Ilezingane zanamuhla ezingezwa
Ezikholwa ngokubona njengo Thomas
Ukonakala kugcwele kuwe yonke inhlobo yesono ongayicabanga
Amahloni aphela kube sengathi awakaze abe khona
Basemajele bayadlwengula bayeba
Ukube uyakhuluphala ngabe ukhuluphele uyaqhuma
Izifo ezingumashaya abhuqe zitholakala kuwe

Mhlaba ulinuku
Awucabangi izinhlungu ozishiya kithi singabantu
Izifo ozilethayo zishiya zikhuhle ezinganeni ezingenacala
Nakubantu abadala
Imfundumalo iphelile
Akukho osungakuthemba
Obhuti badlwengula odadewabo ungazi konakalephi
Ngiyaphinda ngithi mhlaba ulinuku
Ukube kuya ngawe ngabe ukhuhla kusale inhlabathi
Inhlabathi ezobolisa
Ibolise okutshaliweyo

Ikhanda liphithene
Nginenkamba beyibuza engingazi ukuthi ubani oyoyitula nini
Ngani kanjani
Sekuyize leze
Amaqhawe akusasa iwona lawa abhukuda otshwaleni
Kodwa bengike ngalubeka lolu daba
Mhlaba ulinuku
Izandla zami zigeleza igazi
Amehlo ami abuka lufifi
Izindlebe zami zilalelela zingezwa
Amathuna amangaka ngawani
Inkinga sibulalana sodwa
Ngenxa yomona oqala esweni ubheke enhliziyweni

Uwashiyile amakhanda ekhedamile
Izinyembezi besezenze udaka
Siyisizwe bese sibisha
Saxolela ukusukuma sakhe
Kodwa mhlaba ngendlela oyinuku ngayo
Uthathile abadala emagcekeni ethu
Washiya izingane ziyizintandane
Okukujabulisayo ukubona sisezinhlungwini
Mhlaba ulinuku