Inking’ ekhona lamalanga
Umuntu angaze afe nekhono lingakamsebenzeli,
Inkinga phela kudingek’ imali
Ukuze senz’ imali,
Maning’ amacebo enginawo
Kodwa impilo yam’ imile ungafunga ngipresse ipause button,

Inkinga Imali anginayo,
Sikhuluma ngemlomo kuphela ukuthi abantu abafani kodwa njalo siyahlulelana,
Nalo engay’khon’ imaths kufun’ azobala,
Kodwa yena waphiwa umculo,
Kungenzeka uk’cula kungamsebenzela,
Kodwa inkinga ekekho uNSFAS estudio,
Mina bengingakwenz’ okuningi kodwa nginenkinga,
Min’ imali anginayo

Nabazali beloku bathi fundani beyibona
Ingane iloku iphind’ iclass
Kant’ ithunga kamnandi
Nenkolo yethu sebeyay’ gceka
Ngoba bes’bona sihlupheka,
K’semhlaben’ izinto ziyakhuphukela,
Yonkint’ iyanyukela,
Abantu sebecalisa izibonakaliso,
Bafun’ izinto ey’phathekayo
Kodwa luphi ukholwo lwethu?

Ses’landel’ abokhokho bethu
Labo abafa bengenalutho,
Sesiphila eskhathin lapho imali iyisidingo,
Yebo unalo icebo le business
Kodwa uzocala ngan’ ungana capital?
Laba lasebaphumelele bathi syavilapha,
Kungani singathol’ ama sponsor?
Angazi ke ngoba beyihambile lendlela,
Bayazi akukho lula,

Neskhathi siyagucukelana
Kodwa sebekhohliwe imal’ ibafihlile
Awabo amaphupho sekafeziwe,
Yingani ningavus’ amaphupho abanye?
Basinekeza uthando lamagama ku social media kodwa lutho ngezenzo,
Inkinga yami anginayo imali,
Bengizonenzela mina!