Bengihlezi ngizwa ngawe
Bethi umuhle yebo nami ngibonile ngonile
Ngijabulile ngaze nganona

Ubulinono uqobo lwalo nobuhle
Ngesihle uthando lwakho ngalamukela wangamukela
Bekumnandi sindawonye

Angazi noma lezi zithombe
Ngizicishe noma ngizifake emgqomeni ngoba kuningi
Okuhle kunokubi esibe nakho
Siyohamba sifuna uthando
Kanti silushiye thina bekuyilo

Uqobo lwalo lunje lunokuhle
Obuhle obuningi okudlula okubi
Ngangishilo ebuhleni nasebubini
Ngiyokuthanda njalo

Siyohlezi sinjengamajuba
Nakhu sowuhamba uyojubalala
Ntombi yami angisazi ngizokubiza ngithini kusabele bani?

Ungishiyile usuye phambili
Kwaba ngcono walahla konke
Waqhubeka nempilo yakho wangilahla
Ngingasekuthole ngingasekubone
Ngingasaphinde ngimbone

Angesaphinde angibone
Khona siyaphila kumane kwaphambana amazwi
Kwanyuka imimoya kwaqedwa umshado wakusasa

Kumane kwangabonwa ngeso elilinye
Kwazwakala igama elibi
Elimnyama lafika lahlaba
Lashabalalisa amathemba

Lafihla konke ubuhle
Laletha ubumnyama
Kanti bekukuningi okuhle
Bekusengalunga kulungiswe indaba kwafika igama
Elibuhlungu ladala nezinhlungu

Kwaqaqamba nemanxeba asaphola
Kwabe sekuqedwa ngelilodwa
Noma ubuhle bubuningi
Kunokubi okubi kuwinile umklomelo