Corona usihlasele okwesela singaqaphile
Wakhahlameza kwasani wangakhetha bala
Waphithanisa iningi amakhanda
Ngenxa yokungazi ukuthi liyokhoselaphi

Wathwalisa imiphefumulo engenacala isihlabathi ngesifuba
Waphendula uzingane ezimsulwa izintandane
Ngesikhathi esifushane udale omkhulu umonakalo
Wandisa ijoka lokukhulisa izizukulu kwabadala
Washiya iningi likhala esikaNandi
Lingazi ukuthi kuyomemeza bani asabele kuphi

Ziyoshona izinsizwa kuyosala izibongo
Imizi iyosala ingena bani kukhala ibhungezi
Ukufa kuyothokoza kodwa akusenani ithemba silibeke kophezulu
Usizi nomunyu okuyosala lapha emhlabeni kuzoyiguqula impilo yeningi
Kodwa akusenani impilo iyaqhubeka