Mhla ngivuma ukuphila akekho owang’tshela
Mhla ngizalwa ngakhala ngoba ubuhlungu ngabuzwa ngisaphuma esibelethweni
Mhla ngikhula akekho owang’tshela ukuthi nabazali basazongishiya
Mina mhla ngiqala ngiphaphama injabulo kwase kuyinto ekude nami

Mhla ngivuma ukuphila naningangitsheli ngani ngobunzima nobuhlungu bempilo Naningangazisi ngani kusaneskhathi ngisheshe ngizilungiselele
Ngizishaye mina umhlaba ungakangishayi
Nanithuleleni ningibona ngiminza esizibeni sezinsizi

Mhla ngivuma ukuphila akekho noyedwa owang’tshela
Ukuthi indlela yempilo inzima kangaka
Kodwa namanje nisakholelwa ekutheni indlela ibuzwa kwabaphambili
Mhlawumbe iphutha lami kwaba ukuthula ngingabuzi
Kodwa ngangizobuza kanjani ngoba wonke umuntu wayematasa
Ubani nobani ethunga amanxeba awathole empini akade aqala eyilwa nempilo

Ngaphakathi ngiyasha kugqagqamuka amalangabi omlilo
Amalangabi engingawazi nanokuthi abaswe ngubani
Ngizwa ubuhlungu engingazi nokuthi ngingabulapha kanjani
Kumanje intuthu nenkungu kuhlangene angiyiboni inqubekela phambili
Uma ngithi ngiyagijima ngiyabaleka ngizithola sengikhwehlela
Ngicinene yilentuthu yalomlilo ogcwele ngaphakathi kumina

Nginobuhlungu obukhulu ngendlela eyisimanga
Kuyamangaza ukuthi ungabukeka uphila uhleka
Ungenalutho emehlweni abanye abantu kodwa ube usezinhlungwini
Ngalendlela inkulu imfihlo esingayitshelwanga ngempilo
Ngoba ngisho ukuphila kunezincazelo ezingafani emehlweni abantu

Naningangitsheli ngani ngobuhlungu nobunzima bempilo
Ukube ngangazi mina ngangiyophelela esibelethweni
Ngangiyophuma khona sengibuyela emhlabathini
Kakade lelo yilona khaya lomzimba
Ngivumele umphefumulo wami ube sekuthuleni
Kwakuyoba buhlungu ngiyavuma ukushiya abazali bekhala
Beyong’shiya emathuneni
Kodwa ngangingeke ngidlule kubona bonke lobu buhlungu

Athi amakholwa sonke sizalelwa esonweni
Mina ngangiyobe sengisinqobile leso sono
Kodwa ke injalo impilo
Isibambe ngezingxavulela ngoba iyazi ukuthi asizikhetheli
‘Ithemba kalilahlwa ndodana’ ngiduduzwa elinye ikhehla lakamakhelwane
Nalo esiliduduza ngesimehlane njalo ngaphambi kokuba liyolala
Emcamelweni walo osuphenduke umfula wezinyembezi

Uzwa ubuhlungu bokuthi yena usephile impilo yakhe
Waze washiywa ngisho abantwana bakhe belandelana
Kwaze kwahamba ngisho abazukulu bonke abasekho emhlabeni
Okumphatha kabi kakhulu ngunkosikazi wakhe
Yena muntu obekuyithemba lakhe lokugcina
Akukapheli ngisho isonto emshiyile
Ngisho inhlabathi isemanzi elibeni

Kodwa lesi sihluku esingaka
Sihleli sigxeka ukufa
Namhlanje ake sibukisise kahle ukuthi
Impilo yona ihluke ngani kunokufa
Ihluke ngani ngempela
Yiliphi ithuba esilinikwa impilo
Ngaphandle kokwenza izimpilo zethu zibe nzima
Mina ngibona sibulawa iyona impilo kodwa iphikele ngokufa