UThando luhle kwangangokuthi wonke umuntu kufanele aluthole futhi abe nalo. Ngaphandle kothando kusho ukuthi nenjabulo yomuntu ayikho ngoba ukuthanda nje kukodwa kuyamuphilisa umuntu. Umuntu ongenalo uthando uyafana nesilwane esikhulu esiyingozi ebantwini, ngoba ukungabi nothando kusho ukuthi unenzondo.

Thanda ngaphandle kokubheka ukuthi umuntu ukwenzelani empilweni. Ngoba ngokuthanda nje kukodwa uyaziphilisa, kanti futhi ukhombisa ukubonga kanye nempilo. Impilo ibongwa ngothando. Ukuthanda ngaphandle kokuba kube nenzuzo oyamukelayo komunye umuntu yikhona okukwenza ukuthi ube wumuntu oqotho, ongenalo ulaka phezu kwezimpilo zabanye abantu.

Iqiniso ukuthi abantu bona abasoze bakuthanda bonke, kodwa wena ungabathanda bonke ngokulingana. Ngoba amandla othando awalele ekutheni uthandwa ngabantu abangaki, kodwa alele ekutheni wena uthanda abantu abangaki. Ungabathanda bonke abantu emhlabeni kodqwa uzonde oyedwa. Uma kunjalo angeke uwabone amandla othando empilweni yakho ngenxa yomuntu oyedwa ongakamunikezi uthando lwakho.

Iba nothando lwezenzo, ungabi yilabo abanothando oluphuma emlonyeni kodwa izenzo zabo kube yizenzo ezibonisa inzondo. Ngoba ukutshela umuntu ukuthi uyamthanda akusho ukuthi ngempela uyamthanda. Uthando lubonakala ngezenzo zakho, ngaphandle kwezenzo uthando nalo alukho. Uthando yinto enhle oyenza komunye umuntu ngokufisa ukuthi nakuwe ingenzeka. Uthando nguwe nobuhle bakho, ingakho kufanele ukuthi uthande futhi ube ngumuntu ophila ngothando.

Impilo iyimpilo ngothando, ngaphandle kothando angeke kube nokuphilisana phakathi kwakho nabanye abantu. Sixhumana ngenxa yothando futhi siphumeleliswa yilo uthando. Uthando luyiyo yonke into edingwa wumuntu, ngoba lufana namanzi othi uma ungakawaphuzi ufikelwe ukuwomela. Nalo uthando lunjalo, wonke umuntu uyafisa ukuthandwa ngoba vele kufanele ukuthi athandwe. Ingakho kufanele ube ilowo muntu owenza umehluko ezimpilweni zabantu ngokuthi ubathande.

***