Ngibingelele futhi ngedlulise ukubonga ngoxhaso lwakho njengoba ngenza lomsebenzi wokushicilela ngaphansi kwenkampani idotBeez usabqmbisene nami, ngithi kwande. Lomsebenzi wanamuhla ,ngulobe ngihlushwa izimo esengike ngazibona cishe kweziningi izindawo ,okubalwa ezokuxhumana njengoFacebook, kanjalo nokuzizwela mathuba abantu bekhala ubumayemaye bethi ukuhlala neStepmother okunguMamaOmncane kuyafuka usawoti esilondeni. Ziningi izinhlangothi engizizwile futhi namaphuzu abawabekayo cishe ayezwakala ngokuhlukana kwawo, ngabe sengibona ukuthi akengibhale ngalendaba yoMamaOmncane.

Kulendaba akusikho ukuthi ngazi kakhulu kodwa inhloso enkulu ukufundisana nokwakhana lapho sibona ukuthi siyadukisana, noma asisahambi ngolayini. Ngaphambi kokungena kakhulu empilweni ephilwa ekhaya liphethwe yiStepmother angiqale ngokuyikha laphaya ekuqaleni kwayo ukuthi kufika kanjani LA khona sekunahlukumezekayo ngezinqumo zabathize ekhaya. Ngokomyalelo noma ngithi nje ngokobudoda iNdoda kumel ithathe umfazi, okunguyena ozovusa umuzi kuqhubeke kukhanye ekhaya. Abaziyo bathi indoda engrnamfazi impohlwa, nokuyigama elisilulazayo isithunzi sendoda uma ingaganiwe, ngalelo joka ke, kuyaye kudingeke ungizwe kahle LA, kudingeke ayi ukuthi kuphoqe cha, uma ungenawo amandla akulona Icala.

Nakhona njalo kule yamalobolo njengoba esamba eqolo kangaka kudala ilobolo kwakuba semandleni endoda ukuthi inani, uma inezimbuzi yayilobolola ngazo imbuzi lezo, okanye unomhlambi wezinkomo uma ubuyithandile leyontokazi ubuzikhipha zize zifike emashumini ayisithupha. Lapha ngizama ukucacisa ukuthi ukulobola kwakungesiwo umgomo wezinkomo ezilishumi nanye ,cha , kwakusemndleni endoda. Omunye engazibuza ukuthi pho kwenzeka kanjani kuze kufike ekutheni ilobolo libe zinkomo ezilishumi nanye? Lomthetho empeleni waqanjwa ngomunye wabondlebe zikhanya ilanga, owayebhekele izindaba zasekhaya esizweni esinsundu, lowomthetho wabe usushicilelwa enkantolo enkulu njengomthetho amazulu okwakumele awulandele uma kuganiselwana phakathi kwabakamakoti kanjalo nomkhwenyana,njengoba nanamuhla sisandla ngoludala. Kuningi okungamasiko mpilo ethu eshintshwa ngoba bezama ukuqeda ubudlelwane bethu esasinakho njengendlu emnyama, ngoba uma nje ngingakutshela enye yezinto eyayingekho esikhathin sobaba Mkhulu kwakuZibongo. Yayingekho into ethi lo owakwaMathonsi cha, kodwa wawubizwa ngegama likababa okanye umkhulu wakho kanye nelakho, isibonelo nje akesithi mina njengoba ngizalwa uVikayiphi ozalwa uNqokweni ozalwa uBhongela bese kuthi elami igama belizothi Nkosentsha kaVikayiphi bese kuqhubeka njalo uma kufanele. Ngiyethemba uyangilandela LA, so abamhlophe yayibadida kakhulu lendlela yethu bengakwazi ukusihlukanisa base beqamba indlela abazosihlukanisa ngayo nokuyilapho izibongo zaqhamuka khona.
Kuningi kakhulu nami engakuzwa kushiwa zinjula buchopho ngomlando womuntu omnyama, obona nje ukuthi indlu emnyama inothile kakhulu kodwa ngokucindezeleka umlando wethu wavinjwa ngisho nasebhayibhelini uqobo. Asibuye lapha esithenjini, muzokhumbula kahle nje ngokomthetho kahulumeni isithembu asifuneki ngoba ngisho uyobhala ubhala oyedwa omunye akasanandawo yini ke, umthetho wabamhlophe becindezela indlu empisholo.

Zithini izinqumo zomuntunwesilisa ngesithembu? Njengoba bengichazile nasekuqaleni ukuthi ukulobola bekuyinto engenzima kakhulu njengamnje lokho obekwenza kube lula ukuthatha ngisho isithembu uqobo. Ngingabavuma omkhulu ngobuhlakani bempatho ngoba cishe sibaficile ogogo behleli esithenjin beyibambile. Lokho kunginika isithombe sokuthi hleze I khona indlela ecashile noma sithi nje ubuhlakani abebenakho ukugcina amakhosikazi abo ejabulile futhi enethezekile. Inkinga ngibona ngathi lelisiko lokuthi ingane ingakwazi ukuxoxa kakhulu nobaba ngezinto zegceke ngoba kwesabelwa isithunzi sakhe,kwenze omkhulu besithele nalobuhlakani bokugcina isithembu sijabule ngokulinganayo. Nginethemba ukuthi ukuba babexhumana kahle nezingane zabo ngabe asiboni izinxabano ,ukuthakathwa, inzondo kanye nomona oqhubekayo emndenini wesithembu.
Angithike lento yokungazi ukuthi isithembu siphathwa kanjani, uthatha umfazi wesibili ngoba uzibona ukuthi unamandla ukhohlwe ukuthi sinakekelwa kanjan sona lesosithembu. Isikhathi esiningi kuqala kamnandi kuye ngokuya kushuba ngalendlela yokuthi kugcina sekuhlukumezeka namanye amalungu omndeni wakho unganakile ngoba phela kuwena kumnandi ulala ngapha kusasa ulale nga. Ngokubuka kwami abantu besifazane abanye babo bafika belungile kodwa ngonya lwasemzini egcine ephatha ikhubalo elimbi egcekeni okanye okuyena Ndlunkulu agcine aseyisisulu somnikazi, angith omncane usekhohliwe njalo ukuthi kwaba nguNdlunkulu owavuma ukuthi ubaba athathe isithembu ngezizathu zabo engakafiki umama omncane. Kodwa ke into ebingithanda abantu besilisa beyazi LA,ukuthi noma ngabe unamandla kangakanani kodwa ungalinge uthathe isithembu ngoba ujabulisa inhliziyo yakho yenkanuko okanye ungesizathu esinqala, uvele ngiyenza nje, leyonto ave izihlukumeza izingane lapho sekumele zikhethe uhlangothi, yacabanga izingane zikaNdlunkulu azikwaz kodlala kwaMamncane ngoba kuthiwa zizodla ushevu. Umqondo wengane ukhula uhlukumezekile ngezinto zomndeni, ingane igcine izonda izingane zakwabo ngenxa yempi yasekhishini. Uma ubuka lowomntwana uzokhula kanjan, umqondo wakhe ululeka kanjani ukucabanga into enhle ekubeni ebona unina egula phambi kwakho kuthi ushawe omama omncane, kwenzakalani ngekusasa lomntwana LA.

Mina ngike ngoba ngenhlanhla kuloludaba ,ngahlangana noSnenhlanhla okungumama wengane yam yokuqala uSimphiwe, sizihlalele nje ngesikhathi zabo 7 kusihlwa. Sixoxa ngezimo umuntu asedlule kuzo kube manje, naye angene ngodaba lwakhe, ufakazisa ngalento yesithembu ubungozi bayo, uthi” yaz Mina Nkosi (esho Mina”) ngike ngakhula nogogo ongumama omncane kababa umama engekho, so sakhula nogogo kanti ugogo akasifuni uhleka inhlinini. Kwathi langa limbe kwezakala abafowabo bakababa bethukana kwaze kwafika emandleni, kuthe lapho ugogo fanele alamulele ehlanganyelwa naye wafika wathela usawoti esilondeni. ” uthi mengitshela lento yamthusa kakhulu kanti kusakuncane kuzothi ngelinye ilanga , yena ugogo aqashe abantu ukuthi bezobulala ubaba, ngokohlelo lwaluthi kumele kushiswe ngophethiloli indlu yonke naye ephakathi, afe aphele nomndeni wakhe, kodwa ngoNkulunkulu labantu ababethunywe ukuzobulala ubaba wakhe bavele bangena ngaphakathi endlini, nebala bamfica ubaba wakhe, base bembuza ukuthi yini le engaka enibanga nomama wakho na? Aphendule ngokuthi akazi litho, kungani bebuza lokho na? Bese beth I, “sithunywe ngumama wakho ukuthi asizokushisa nendlu, nanku uphethiloli esiwunikwe nguye nomentshisi kanye nemali kodwa ngoba think siyakwazi ukuthi awusiyona lento umama wakho athi uyiyo,sibone kuncono singene sikutshele. Uthi umawengane, wasinda kanjalo ubaba wakhe. Kepha ukusa kwabonwa nguye ebheke kunina ,eyobuzisisa kungani emakhela itulo lokufa na? Waqeda lapho wathatha izingane zakhe washaya wahliba elibangise eStanger nokuyilapho abfike bazinza khona kwaze kwaba umama kaSne uyadlula emhlabeni, nokuyilapho okwaqala khona ubunzima bempilo kube njengezingane umama engasekho. Baqinisile mabethi intandane enhle umakhothwa ngunina, ngoba Nam uqobo ngiyakwazi lokho.

Mina ngizalelwe endaweni okuthiwa iWetani ,ngoyaka ka1988 ngoMay 7 , umama ongizalayo kwakunguMathombi waganela kwaMathonsi. Yabona owami umama ukhule kanzima ngoba unina amzalayo akabanga nenhlanhla yokugana so waze waphuma ithumbaja engasebenzi enjalo ngenxa yezimo zegceke. Orite, ugogo unezingane ezi7 aphuma nazo zisencane wazibamba ngamazinyo zakhula ,zikhula zidla imbuya ngothi. Bonke abakwazanga ukuqeda isikole ngoba bekmele beyek beyozama amatoho okuthi kulalwe kudliwe bebancane benjalo, so ekukhuleni kwabo owami umama waba nenhlanhla yokugana. Engakayi emzini , wakhululwela Mina khona komalume, isimo asikaze sibe mnandi kulowamuzi wakwaNxumalo. Uma bengilandisa bathi” ngesikhathi umame ukhulelwe Mina ,indlala yayingaphezu kokwenza ,bathi bekuyaye kuthi mabelambile bathathe ocelelemba beyotheza ehlathini, bebebuyela ngisho kathathu ngoba bebona ukuthi uma beth I bayahlala bazodlani ,kuncono beyogawula ngoba mhlampe bengathuka behlangana nagwava endleleni bebambe kuwo ukwelapha indlala. Intokazi engizalayo bekungumuntu oqinile kakhulu futhi ekuthanda ukupheka kangangoba ngisho nasemzini ufike waduma ngebhodwe, enekhono lokupheka noma ngabe yini iphenduka isidlo esimnandi. Encwadini ethi The Journey of Nkosentsha I lapho ozothola kahle ukuthi, isukaphi indaba kaMathombi.

Eseganile kwaMathonsi , kwakuyinjabulo yodwa ngoba sasithi bye bye kuhlupheka, kanti asibuzanga Elangeni. Ngabe nginephutha mengithi owam umama wakuthola ukuvikeleka kwaMathonsi,cha. Kunalokho wahlanganyelwa nabantu bomndeni bemsola ngokuntshontsha izinkomo, ngingeke ngiyibale eyezichitho. Kukubi kunjalo ubaba ongizalayo waqonywa intombi yakwaNgema ,ebinolwazi ngamakhambi esintu ngoba ibizalwa isangoma. Okay, lento ngike ngayisho nasekuqaleni ukuthi, kuyahlupha lapho indoda ithatha isithembu ingenasizathu esinqala kodwa ithi nje I ngoba ingakhona. Ekugcineni kukhona abahlukumezekayo ngesikhathi esasanganiswe olunye uthando ,kugcine kube ngathi khona osencono kunomunye kanti ingenxa yenhloko eyenz izinto ingahambisi ngendlela. Nakumama ongizalayo kwavuleka leyombobo yokulahlekelwa ukuthandwa ngumyeni wakhe wezinkomo ngoba esebona intombi entsha. Kwaqala ngezichitho, waqala ubaba ukumubeka isandla umama, njalo mefika esuka ethekwini makuphele inyanga kufanele afike ashaye umame,maqede adlule eyolala ekhweni. Aphinde avuke umame emlungisele izimpahla kanjalo nokudla mayebuya kodwa uzofika amlwise kabi. Into eyayingiphatha kabi ukuthi, ubaba afike nezinto ezimnandi phambi kamame kanti akuzona ezakge ziyadlula ziyentombini, shuthi yen…