Izingubo zami zase zivele zingcolile ngenxa yokuhudulelwa ehlathini; INkosi eyaziyo ukuthi aye ngiyise kuphi lawo madoda amabili. Into yokugcina engiyikhumbulayo nje impama ebuhlungu esidlathini sami ngaphambi kokuba kucime izibani. Ngabheka isiketi sami. Kwakugcwele igazi kuyo yonke indawo engezansi. Umzimba wami wonke wawuzwakala undikindiki. Kwakugcwele isiziba samanzi eduzane nje. Ngasebenzisa amanzi ukuwasha iphenti lami ngabe sengilineka ukuze lome egatsheni lesihlahla.

Lelo kwakuyilo kuphela enganginalo. Zonke izinto zami zazitshontshwe iqembu le-guma guma. Leli qumba lalihlasela futhi likhuthuza abantu ehlathini phakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika neZimbabwe. Kwakuhlaselwa abantu abangabafuduki abangekho emthethweni. Imali yami engangiyibekile yokuthengisa otamatisi ezitaladini zaseHarare, yayisihambe yonke, ihambele ize. Kodwa kwakumele ngiqine ngoba ngangisekude kakhulu nendawo engangiya kuyo. Empeleni ngangingaqiniseki nokuthi ngangikuphi, ngaphandle kokuthi ngangidlule umngcele futhi ngiseNingizimu Afrika – izwe elalichichima ubisi noju.

Wonke umuntu owayeza eZimbabwe ebuya eNingizimu Afrika wayeza nokuthize kokubukisa. Kodwa okwamanje ngangingenalutho. Ibhizinisi lami elincane lalingayithola kangako inzuzo ngoba ngangithola umholo omncane ukuze ngithenge izithelo nezitshalo ezengeziwe, njengoba kwakwenza abanye abathengisi. Ngezinye izikhathi ngangigcina ngipheka amanye amatamati okwakumele ngiwathengise njengesishebo, sethu sokudla nepapa. INingizimu Afrika kwakuyithemba lami lokugcina lokuthola umsebenzi ukuze ngikwazi ukusekela izingane zakithi.

Igama lami nguRudo, okusho ‘uthando’.

Uthando luyinto ekhethekile, uma kuwukuthi uzungezwe umkhaya nabangani abakuthandayo. Abazali bami, engangibazisa kakhulu, bashono ngakho ke kwakumele ngiqhubeke nomthwalo wokuba umzali ezinganeni zakithi ngingedwa vo. Kwakuyinto engangikwazi ukuyidlulisela komunye umuntu ngoba wayengekho omunye umuntu owayengakwazi ukunakekela izingane zakithi ezincane zabafana.

Kwakungelula ukunakekela izingane zakithi ezimbili ezincane ngemali engangiyithola ngenxa yokuthengisa izithelo nezitshalo. Ngangineminyaka eyishumi nesithupha, kodwa ngangingayi esikoleni. Ukuya esikoleni kwagcina sekuba yinto ebizayo kithi; okwakubalulekile kithi kwakuwukuthi kube khona okuthize ethunjini lethu.

Ukucabanga ngokudla manje kuvese kwenza isisu sami sikhale. Angikhumbuli ngisho nesikhathi engagcina ukudla ngaso. Ukucabanga ngalokho okusanda kwenzeka kimi kuyinto embi nakakhulu. Lawo madoda amabili angidlwengulile athathe okuthize ebengikwazisa kakhulu okwedlula noma yini. Okuthize engingasho ukuthi kwakungokwami. Okuthize engingasoze ngikuthenge ngemali. Bathathe ingxenye yokuphila kwami.

Ngazigoqa eceleni kwesihlahla, ngange amadolo wami, ngabe sengivumela izinyembezi ukuba zigeleze.

Kodwa ngemva kwesikhashana nje ngasula ubuso bami ngejazi lami ngabe sengisukuma. Kungakhathaliseki ukuthi ngibhekene nani, kwakumele ngiqhubeke nohambo lami.

Ngethemba ukuthi kuzoba khona uMsamariya Omuhle ongangihambisa eGoli, noma ngisho naseKapa lapho okumele ngiye khona, ngathandaza njengoba ngihlezi eceleni komgwaqo ngilinde imoto ukube ime ingigibelise.

***

Sicela umbono wakho: Yiziphi izinqumo uRudo abhekane nazo manje? Ungazizwa kanjani uma kade usesimweni sakhe?