Ngqondo yami cabanga uthumele umyalezo olimi lwami
Mlomo wami vuleka ukuhlanze konke okuvela olimini lwami
Limi lwami khuluma ugeqe umagula uveze ubumina
Limi lwam’ uyisimanga futhi uyamangalisa ngemisebenzi yakho emihle
Nemimbi oyenza usuku nosuku
Ngibuye ngikusabe kwamina kwesinye isikhathi
Phela wena uyasikhipha isidumbu kuculwe amagugu ngawe

Uyaqalekisa ushwabule ugqilaze inhliziyo yami ngamagqubu akho
Amandla akho ayesabeka ngisho noma umncanyana kodwa uyalibhubhisa nezwe
Kube nezimp’ ezingapheli zomhlaba
Umncanyana impela kodwa imisebenzi yakho ilawula namanye amalunga omzimba wami
Ububi nobuhle bakho buvezwa uwena uqobo ngokuba uphimisele okufiswa uwena
Phela wena uyalakha uphinde ulibhidlize ikusasa lomuntu
Uyindlela yobumnyama nokukhanya

Abaningi bayathokoza ngawe
Baduduzeke babe nethemba lokushitsh’ izimpilo zabo
Abanye bayakhala ngawe
Bazisole ukuthi ukuba abalawulwanga nguwe
Ngabe akunje manje ukub’ awusasizi
Abaningi bagcwel’ emajele ngenxa yakho
Abanye basezimweni ezibucayi ngenxa yakho
Limi lwami ngicel’ ungenze ngibe umuntu ebantwini
Ungenze ngibe isibonelo esihle kubantu futhi bathembele kumina