Bafika emtholampilo aphume ngokushesha uSonke alande isihlalo esinamasondo. Amqukule ambeke kuso uGogo, agijime naye eqonde ngaphakathi. UVusi noSakhile balapha emuva kwakhe. Bangena nezicabha emtholampilo. Kutatazela abahlengikazi, bamephuce isihlalo uSonke, bagijime naso bangene kwelinye igumbi.

“Salani nibhalisa igama likaGogo ekhadini. Thina sizomphuthuma ngosizo lokuqala,” kusho umhlengikazi.

Iphika limi ngenhla kanti ukhwehlela engaphezi uGogo.

“Konje Vusi usaya esikoleni?” kubuza uSonke.

UVusi uvuma ngekhanda, egcwalisa imininingwane kaGogo ekhadini lalapha emtholampilo.

“Hamba uqhubekele esikoleni, mina noSakhile sizolinda umamncane sibone ukuthi kuqhubekani,” kusho uSonke.

“Hheyi, siyabonga, Baba, iNkosi ikubusise,” kusho uVusi ethatha isikhwama sakhe sezincwadi kuSakhile, aphumise okwenhlamvu emtholampilo. Isisho nje ukuthi uyobhala ngoba izincwadi ubengakaze azibheke nokuzibheka ngenxa yesimo esinzima ababhekene naso.

Imicabango iyazulazula emqondweni wakhe. Uma engashona uGogo sizoba yini? Kungcono kwaSakhile ngoba uyalazi ikubo ukuthi likwaNongoma. Noma wagcina khona esemncane, angabuyela khona. Mina ngizoba ngumtshingo ubethwa ngubani? Ngizodlani? Engizobe ngiyithathe kuphi? Khona sekuthiwa ngiyofuna umsebenzi ngizohamba ngani? Ngiphume ngibheke kuphi? Khona ekhaya ngizoshiya bani njengoba beyifuna ngamehlo abomvu nje abasekhaya elikhulu leya ndawo kaGogo? Bafuna ukutshala izimoba. Angithi njengoba egula nje uGogo kunukwa bona ngoba bebona ukuthi ugoloze nendawo. Futhi yibo abafaka udukanezwe njengoba kungekho noyedwa ezinganeni zikaGogo ofuna ukuhlala ekhaya. Mina-ke ngeke bangigudluze uma sekuyimi ohlezi lapha ekhaya? Phela ukuqhubeka nokuhlala ekhaya kukhomba ukugoloza.

Imudle imicabango agcine eseyiphimisa, ekhuluma yedwa. “Kanti mina ngingowakwabani? UBaba usaphila noma cha? Uma ephila ukuphi? Uthi ngidlani? Angangikhomba uma sihlangana?”

Miningi imibuzo kodwa do impendulo.

Kuzomele aphume esikoleni aqonde kuGogo. Kuzomele uGogo amtshele ukuthi ungowakwabani. Kudala khona ezama ukumbuza, kodwa uGogo avele athi akakhohlwe yizinto ezingeke zimsize ngalutho. Nonina wathi uyazama ukumbuza wavele wavuka umbhejazane. Impela okukaVusi kunzima.

Emtholampilo uSonke usala efonela uBonginkosi, uBaba omncane kaVusi. Imphethe kabi impela uSonke le nto yokulaxazwa kukanina omncane nezingane. Luyangena ucingo, alubambe uBonginkosi.

“Sawubona, Sonke. Ngafonelwa nguwe namuhla kwenzenjani?” kubuza uBonginkosi.

“Ngiyaphila, mfowethu, ninjani nina?” kusho uSonke. “Kahle kahle angiphili. Umama omncane ugula kabi, Bonginkosi. Bewazi wena ukuthi uyagula?”

“Ye-yebo kodwa ngangithi uzoba ngcono.”

“Yini owayenza le eyakwenza waba nethemba lokuthi uzoba ngcono?”

“A-akukho, mfowethu. Ukuthi ngezwa abafowethu bethi uke wabambeka kakhulu ngaphambilini. Bathi usengcono. Mina ngazitshela…”

“Inkinga yileyo-ke, mfowethu, ukuthi uyazitshela. Wake wazama ukulandela ukuthi basale kanjani?”

“Cha.”

“Why? Yingoba vele you dont give a damn about her, am I right?”

“Akusikho ukuthi anginandaba nomama, Sonke. Uku-…”

Intombi kaBonginkosi, uMaNkosi, ihlwitha ifoni kuBonginkosi. “Hello! Ukhala ngani Sonke?” kusho uMaNkosi.

“Ubani othe ngiyakhala? Ngicela unikeze ubhuti ucingo, sisakhuluma ezomndeni.”

Angakwenzi lokho uMaNkosi, athi, “Ufuna ukuthini kuBonginkosi?”

“Angicabangi ukuthi yindaba yakho leyo, MaNkosi. Ngithe sikhuluma ezomndeni. Wena naye anishadile. Nihlalisene nje.”

“Cha khona uqinisile,” kusho uMaNkosi. “Kodwa uBonginkosi Ntuli uzwa mina. Uma ungafuni ukusho ukuthi kumayelana nani ngiyaluvala ucingo.”

“Umama omncane uyagula. Kubi impela. Ngikhuluma nje usebizelwe i-ambulance ezomuyisa esibhedlela.”

“Ngoba isibiziwe nje i-ambulance pho yini oyifuna kuNtuli? Uzwe kuthiwa usale wenza izifundo zobudokotela?”

“Cha, MaNkosi, ukuthi enye into engikhathazayo ukuthi izingane zihlezi zodwa nomuntu ogulayo.”

“Angithi lapho kini nihlale ningibiza ngenyumba? Pho ziqhamukaphi lezi zingane osekumele azihluphe ngazo uNtuli? Azinabo oyise? Ungenaphi nje lapho uNtuli ngoba kumele ufonele onina okuyibo abalaxaza izingane zabo?”

“Ngihleze ngizwa kuthiwa uyedelela, MaNkosi,” uSonke usephefumulela phezulu ngenxa yokuthukuthela.“Bengingazi ukuthi kanti awazi lutho kanje. Ungumnhlonhlo nje into ekhula ibheke phezulu ibe ingenalo ithambo. Uzikhulumela umathanda kanje kimina?”

“Usuqedile, Sonke? Tell me, ubhuti omdala yena ubusumtshelile? Noma uvele wagqanyelwa uBonginkosi nje?”

“Cha.”

Why not? Angithi wena uyisigijimi?”

“Lalela la, Swazi ndini, ngiyabona ukuthi waxoshwa yindlala eSwazini. Yingakho sewugomoshele ingane yakithi nje. Usuzitholele inyoni nje ozoyiqhutha. Mina…”

“Nywe nywe nywe… Nx! Ave nithanda ukuzenzisa. Anijabuli yini njengoba uMaKhumalo egula nje? Angithi uma efa nizothola indawo? Futhi gcina ngci ukusicefezela ngemilwanjana!”

“Ibambe lapho, MaNkosi. Angazi ukuthi imilanjwana ingena kuphi kule ndaba. And sengicikekile ukukhuluma nawe, bye bye.” USonke aluvale ucingo.

***

Sitshele umbono wakho: Ngabe umbono kaMaNkosi wokuthi abazali babafana babalaxaza abafana uyihlaba esikhonkosini? Ngabe uSonke kumele athinte bona abazali kuphela, hhayi umalume wabo?