“Thobeka,phela usukhulile manje, usungakwazi ukuzihlelelawena isikhathinsomsebenzi Kanye nesokuphumula.Eqinisweni nje asisekho isidungo sokungibiza ngobaba, ungasho nje ukuthi Mdu. Ingani nomongelo wezwe uyabizwa ngegama.”uMdu lowo eshesha eyinqamula hleze aphazamiseke uThobeka kwintandokazi yakhe.
Nakuba uMdu wayesemncane eneminyaka eyi-36 kodwa kwamthusa kakhulu uThobeka ukuthi usengambiza ngegama. Mhlampe kwakuzoba ngcono ukuba uThobeka ubebukele umabonakude egumbini lakhe.wayebuye abenamahloni uma ebona abalingiswa beqabulana kumabonakude.wayemane akhophoze uma amehlo akhe ahlangane naka Mdu ,avesane abheke phansi. Okwakummangaza ukuthi uma amehlo akhe ehlangana nakayise wayengakhombisi ukuxwaya .”bawinisile uma bethi umuntu uyashintsha”uThobeka ekhulumela ngaphakathi
Kwathi kungakhala ibika lokuqeda umdlalo,uMdu waphendukela uThobeka . “Njengoba sengishilo nje uThobeka usukhulile manje akusamele ungixwaye kakhulu.ngiyabona nje uba namahloni uma abantu beqabulana. Usumdala manje kulungile nje uma bekwenza sebe khulile
Akazanga ukuthi uzophendula athini uThobeka. Inkukhu yamane yasindwa isidwa.akabange esahlala kakhulu uThobeka, wacela ukuvalelisa wavele wakhala ngobuthongo. Esesegunjini lakhe lokulala wake wezwa wezwa lumuthi huqu uvalo uThobeka. Noma wayengalazi ukuthi olwani kodwa washeshe waledlulisa . Abushesha ga ukufika ubuthongo ezibuza eziphendula ukuthi ngabe kwenzenjani namuhle kuyise. Wakhumbula amazwi ayehlezi eshiwo uMam Makhathini esikoleni ethi abazali ukuthi kumele abazali bavuleleleke ezinganeno zabo ukuze nazo zikhululeke,zikwazi ukubaxoxela uma zinenkinga ” ngabe sekuqala lokho kuyise?