“Ake ngisheshise izitsha nakhu sekugamenxe ihora lesikhombisa. Angifune ukuphuthwa i-generations namuhla nokwenza kungoLwesehlanu,ngibanjwe umsebenzi wesikole”uThobeka lowo ekhuluma yedwa.
Nempela kwathi sekusele kancane ukuthi kushaye ihora le-8,wabe esiqedile. Phela zazingeningi kakhulu , kwazise noyise kuphela njengoba unina esebenza ubusuku namhlanje kanti no-anti osizayo usanikezwe ikhefu njengoba egulelwa yingane
“Thobe”UMduduzi Ngcobo lowo emeza eqhiyeme ku-sofa wohlobo lwesikhumba olubizayo , useze wavula nale nxenye yokubeka ibhodlela le-whisky yohlobo olubizayo olutholakala kuphela emcimbini yomntakabani . Uhleli nje ugqolozele ubhazabhaza kumabonakude ukukela ibhola. Akuzomhlupha kodwa ukudlala kwebhola uThobeka ngoba lapha ekhaya yilelo nalelo gumbi lokulala linomabonakude walo.
“Baba”uThobeka lowo ephendula uyise UMduduzi ngesikhulu isizotha afike ahlala phansi ,efisa ukuthi ayise akhulume asheshise ukuze ukwazi ukubuka iGenerations isaqala. Wamangala ebona uyise eshintsha isiteshi kwamane kanti sesiyaqala njalo isithombe sakhe esiyintandokazi
“Cha Thobe, ngithi angikhulule namuhle ezincwadini , uke uthole ithuba lokuphuma uzibukele umabonakude ngokuthanda.Phela negqonfo iyadinga ukuthi ibuye isuke okwesikhashana emsebenzini ukuze ivuselelele kabusha.
“Hawu,namhlanje ngazi gazi ngigezephi ngiyabonga”. UThobeka uyamazi uyise ukuthi akafuni kube khona izinto ezimphazamusayo emsebenzini wesikole