Nembeth’ izikhumba zezimvu

Anilungile nina ningamagovu

Nizenz’ abazwelana nabantu

Nisizakala ngamanxeba abantu

Ninamanga amnandi kanti ayingozi

Okwesoka leshel’ intombi

Nisithembis’ izulu nomhlaba

‘Ma nisafun’ isikhundla niyalunga

Nasithola niyakhohlw’ emuva

Kwabaveza amaqiniso niyababulala

Kwaba melana nani niyabasongela

Nithi nenza imisebenzi kaNkulunkulu

Ngegama likaJesu, egameni likaJesu!

Nithi kubant’ abanikele kakhulu

Kwabanganikeli nithi ngeke balibon’ izulu

Ungafung’ ukuthi nipheth’ izihluthulelo zulu

Zimpis’ eziphangayo niyadlala ngabantu

Nigqoka niconse ngamasudu anokusho

Kanti afihl’ unjalo benu zikhohlakali

Ngokwenu nithi nihlakaniphe niqedile

Akukho liqili lazikhoth’ umhlane

Amacal’ enibekwa wona ayasabeka

Aniveza lokho eniyikho anipheny’ izinqe

Ninamandl’ onke niba ngophunyuka bemphethe

Niyaligcobha nje etilongweni ningena niphume

Nibuye nidlale ngabantu nabo banimele baneseke

Yeyi ngoba nina niyakwazi ukwenza

Alukho uzwela aninalo nakancane

Senibhuqana nibizana ngamaqabane

Abanye benu babizana ngabazalwane

Nibizana ngogogo nomkhulu nangogobela

Yeka nini bo senitshiyoza senibhonga

Nithi ngibalaphi bendabulo izifo ziyanehlula

Nithi ninamandl’ okuphilisa kanti owokubulala

Owokuphilisa aniwazi kodwa niyawaz’ owokubulala

Niyiqedile imindeni niyidunga niyeqatha

Nina nibaqedil’ omakhelwane nibaxabanisa

Zimpis’ eziphangayo zint’ ezidl’ imbumbe

Imikhub’ engcolile eniyenzel’ ebumnyameni

Kwanina phakathi kwenu anethembani

Nidayisana nodwa nibulala nodwa

Nibanga iphepha elinesphambano

Lapho seniphika nifung’ isiphambano

Nizenze msulw’ okwezingelosi

Kanti nizimpis’ eziphangayo eziyingozi

Mhlawumbe koniqoq’ ukuhlwa nani

Umhlaba lo akuwona owenu

Lo mhlaba lo unomnikazi wawo

Nidlalile ngezimvu zedlelo lakhe

Nizidephunela noma iyiphi enonile

Aninandaba nanoma iyiphi ezacile

Izimvu azihlenga ngegazi leNdodana yakhe

Ngeke nidle izimvu zakhe kugcwebe iziziba

Liyonishonela nani ilanga

ibhalwe ngu:

Sthembiso Sydney Msezane.