XOLA NHLIZIYO
Selilide ibang’esengilihambile Kodwa akupheli,
Selilide ibang’engilihambile Kodwa akwendluli,
Sesisid’isikhathi ngithi ngizokhohlwa kodwa lutho,
Namanje ngimikwaNgqingetsh’akulula nokuphinde mumva.
Namanje ngiyazibuza ayiphum’impendulo,
Thando kanti unjani?
Wangona emphefumulweni,
Wangon’inhliziyo nenqond’imbala.
Kodwa lenhliziy’enginayo ayifun’ukumkhohlwa,
Ngelinye ilanga kengiphahluke ngithi ngyamthanda emveni kwesikhathi ngizibuze ngimthandelani?
Lomuntu beluluhle uthandolwami naye,
Lomuntu besihloniphana naye inkinga ukungezwa mangimkhuza,
Impela bengimncane ngokwemnyaka kunawe Kodwa bengikwazi ukubona um’esenza okungeyikho.
Yena ngiyamkhumbula mangike ngamcabang’eyami nhliziyo iyagubhazela.
Namanje ayiphol’inhliziy’ubuhlungu owangizwisa bona.
Sinendodana kodw’akayaz’igqoka muph’usayizi,
Sinendodana kodw’akayaz’idla Kudla kuni?
Elam’ikhanda liyaduma ngenzenjani?
Eyami nhliziy’iyisithutha ithanda noma kungasafanele.
Ngiyaye ngimubuz’impilo Kodwa yena uyehlulek’ukubuza impilo enganeni,
Bafwethu ngilekeleleni ngizam’ukudedel’imizwa,
Bafwethu ngilekeleleni ngizamukulibazis’inhliziyo,
Bafwethu ngincedeni ngenzejan’ukuze ngiphume kuloluthando olujule enhlizweni kodwa enyameni nasempilweni alisangiphilisi.
Bafwethu ngilapheni ngimane ngilikhiphe makulidliso,
Ngiyazam’ukumkhohlwa Kodwa uyakhumbuleka.
Amaphutha maningi kwamina angisakwazi nokuwabala,
Amaphuth’uwenza ephindelel’engani ngimzoxolela.
Ngicela ningelaphe okungenani niqed’uthando enginalo ngaye.
Ngicela ningiphiziyalo zokuphuma kuloluthando olumanxebanxeba.
Eyami nhliziy’iyopha nganxanye,
Eyami nhliziyo iyathethelela nalangasafanele khona,
Eyakh’impilo iyaqhubeka mina akendluli enhlizweni yami,
Sengiqokele ukuhlala ngentombi ngilinde hlez’unkulunkulu angilethel’uMesuli nozopholis’amanxeb’asenhlizweni.
Sengithi angixoxele nina ziMbongi lendaba hleze ngelapheke.
Sengithi anginishiyele yona ezithebeni niyidingide hlezi niyobhunga ngayo qede niphume nekhubalo ngelapheke.
Ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala