Sikhul’ endaweni yasemakhaya,

Mina naw’ indawo yasemaphandleni siyazi Kahle,

Futhi nothando lwakhona lumahhala,

Okuyilaph’ uthola khon’ unkosikaz’ oziphethe kahle,

Sasidlal’ umasigcozi ngingumam’ ungubaba wekhaya,

Futhi sasithi kuyoba njalo ngisho noma sesibadala

Sasineminyak’ eyisishiyagalombili,

Ngenkath’ imindeni yeth’ ithi mina nawe siyafanelana sobabili,

Phela kwazise nasesigodini babekhethelan’ usemncan’ umunt’ oyomshada,

Nami ngiseyintombazanyana ngazithola kulolugibe lokutholelw’ umunt’ engiyomgana,

Ngangingazi lutho nkosi yami kwazise nengqondo kwakusengeyosana,

Kunjalo nje nezint’ engangizazi zaziyincosana.

Ngikhumbula ngenkathi nasesigodini besibiza ngomakoti nomkhwenyana,

Futhi nath’ esasikwenza kwakuba ngukwangana,

Angiphathi futhi kangisoze ngalukhohlwa losuk’ ungenzel’ ucu,

Kwazise phela nami ngangifundisiw’ umsebenzi wezandla ngidlale ngobuhlalu,

Ngangijabula kakhulu njalo uma sewungitshela ngengomuso lakho- kudikiz’ izibindi kuthinteke nosu,

Phela nami ngase ngizw’ intand’ eyas’ ivuka kumina njal’ uma sewugid’ indlamu.

Kwangiphatha kabuhlungu mhla senihamba nabazali bakho kweseth’ isigodi,

Enhlizweni yami kwakungathi khon’ okad’ emba ngegejambaz’ evul’ umgodi,

Kodwa yize nase nihambil’ endaweni lon’ uthando lwami kazange lwaphela,

Kwakwala ngish’ amabhendu nezinsizwa zendawo zizam’ ukungishela,

Kodwa ngangihlezi ngibatshel’ ukuthi min’ owam’ umunt’ uzobuya,

Ngoba phela lawo ngamazw’ owawasho ngenkathi nihamba kodwa leyonhlungu kayisoze yandlula.

Ngangilila njalo nje uma ngizizwa ngikukhumbula,

Kwaze kwalamula mhla kuthiwa ngizokhuphuka ngize kwandongaziyaduma ngizokubona,

Kwazise phela kwase kuphel’ eyishumi nanhlanu singakaze saphinda sabonana,

Ngase ngineminyak’ engamashum’ amabili nanhlanu- wena ungishiya ngeminyak’ embandlwana,

Ngase ngijabulile nami ngithi ngiyobonana nethemba lami,

Kanti ngizishaye ngento yokucham’ etsheni futhi kangibuzan’ elangeni.

Lwafik’ usuku lokunyuka ngilibhekise kwanyama kayipheli kuphel’ amaziny’ endoda,

Phela injabulo yayibhalw’ ebusweni nenhliziy’ ibhakuza ngiyobon’ eyam’ indoda,

Ngafika kwikheli ngangibhalelwe lona ngoba ngalinikwa ngumamezala wami,

Phela angithi wayengikhonzile kusukel’ ebuncaneni bami,

Kodwa engakuthol’ eGoli kwangishiya ngibamb’ ongezansi,

Ngoba ngabe sengithol’ ukuthi wena sewuzwana nomuny’ umuntu wesifazane,

Owayephuza futhi ebuthanda nobumnand’ iyonant’ eyenz’ ukuthi singezwani.

Ngabe sengizibuz’ ukuthi kanti umgan’ onjani lon’ okuhlezi kukhulunywa ngawo,

Ngoba ngishiye nabazali bam’ ekhaya ngoba kumele ngizoqinis’ owam’ umendo,

Kodwa ke kwasobal’ ukuth’ umendo kawuthunyelwa gundwane ngampela,

Futhi kunezinqinamb’ ohlangana naz’ akuhlezi kumnand’ unomphela,

Ngaze ngazisol’ ukuthi ngabe ngavele ngahlal’ ekhaya ngamane ngangagana,

Kodwa amathemba wam’ avel’ ashabalala ngoba kusobala wena wahamba wakhohlwa yimina.

Ngizithole ngiyisigqila sentombi yakho len’ ohlala nayo kini,

Bekumele njalo ngivuke ngiyoshanela lapho nilele khon’ egumbini lenu,

Bezehla njalo zilakanyana kim’ uma nginizw’ ebusuku ninsinsitheka,

Ngapha mina ngizibona ngingumhambuz’ insilayitheka,

Kwafik’ ukuthokoza kumina mhla sengehla ngibuyel’ ekhaya,

Kwazise phela ngangilokhu ngithuthumela kusinda nekhanda.

Umend’ engangiwufisa ngiwufuna kusobal’ ungihlulile,

Nakhona ngingakalubhad’ olwam’ unyawo kuwona,

Ukwangana nomama wakho sengihamba kwakungaseyon’ injabulo,

Kodwa ngenkathi sengifik’ endaweni yokugibel’ amathekisi,

Kwangifikisel’ izinyembezi ngoba kuwena lwavuka loluthando lwethu sisebancane,

Kwathi mahlayeni wabe sewungicel’ ukuthi kangibe ngeyakh’ ingoduso,

Ngavuma ngoba phela kwas’ eyam’ inhliziyo seyihambe yonk’ imigudu,

Kwazise njena phela wawugcin’ uth’ uzobuya.

Wath’ uzobuya.