Uze ungikhonzele nami
Hlezi ukukhonza kwakho
Koletha injabulo kweyami impilo
Uze ukhonze lapho okhona hleze
Nami uzongikhumbula embusweni weningi
Baba uze wazi kunzima lana engikhona
Impilo ayisafani nayi zolo
Ubukhona bakho buyakhumbuleka.
Injabulo owawuyibona kimi
Seyaphenduka izinyembezi zemihla
Umzimba owangishiya nawo sewaphenduka
Uthi lokuvungula kunzima baba
Wazi konke owakusebenzela kanzima
Kwashabalala konke kuhle kwephepha emanzini
Nomama owangishiya naye wathatha konke okwakhe
Wahamba ngisele ngingedwana indlu yakho seyangenwa
Imvula ngisho ngilele, omakhelwane nezihlobo sebaphenduka izitha zami
Kwesinye isikhathi ngiye ngifise ukuthatha umakhalekhukhwini
Ngifonele emazulwili ngizwe iphimbo lakho
Hleze lingiphilise ngithole amandla.
Uthi bewazi nje baba sengalala ngilambile
Isisu sikhaliswe okomdlwane ulahliwe,
Izinyawo zami sezaphenduka itshe nokuhlabaya akusazweli
Izithombe zethu sezahlala zikuplasinti we zincwandi zami
Uze ukhonze baba hlezi nami uNkulunkulu uzongikhumbula
Iminyaka iyahamba kodwa Kumnyama endlini
Yempumelelo izethembiso engakuthembisa Zona
Zikude ukufezeka, baba kanti kungani nami
Ngabanga nabo abafowethu noma odadewethu
Hleze Inhlupheko ibizoba ncono.
Baba ngiyethemba lencwandi iyokwenza
Ungikhumbule nami. Kuthi lapho bekunika izibusiso
Uziqathaze emhlabeni. Sengihambile ke baba
Ngisayombeka impilo nami ngaphandle
Hleze sengombala ngempumelelo yami enhle
Hlezi izinyembezi zami zingiphathele injabulo
Yaphakade… Lala baba lala Masisa