Mntanomuntu mzukwane ngiqala ukuk’bona 
Kwavele kwafudumala inhliziyo 
Njalo mangikubuka kuvele kuthi angizule ngijubalale emajungjungwini othando 
Mntanomuntu uthando ngalwazi mhla ngithi, “Sawbona.” uvuma ngalo lelozwi lakho elimnandi elavele langibeke endaweni engingakaze ngibe kuyo kwazise phela ngyaqala ukuba semathandweni 
Phuthini uwena incazelo yami yothando kwazise phela mangifuna incazelo yothando ngivele ngibuke wena ngigcwale intokozo ebese ngyaythola incazelo yami 
Uwena incazelo yothando