Ingabe kusewuthando na?!
Ingabe uthando selwaphenduka isilwane na?
Kwanzima ukuthanda umuntu.
Kwaze kwanzima ukuthanda umuntu bese kuba wuye futhi okuzwisa ubuhlungu .
Kwaze kwanzima ukuzitshela ukuthi uyathandwa kanti cha lutho.
Kwaze kwanzima ukufuna uthando kumuntu ongenandaba nawe.
kwaze kwanzima !
Sekujikelwana esithubeni nje
kwanzima!
Uthando seluyalwelwa ,
Uthi ngisho usulilwelile kanzima kugcine kufike umuntu oyedwa! Oyedwa vo! Akuphuce injabulo.
Kwanzima!
Siyakhala ubu maye maye !
Sikhuza ngapha kuvele ngapha
kwanzima!