Ingabe kusewuthando na?!

Ingabe uthando selwaphenduka isilwane na?

Kwanzima ukuthanda umuntu.

Kwaze kwanzima ukuthanda umuntu bese kuba wuye futhi okuzwisa ubuhlungu .

Kwaze kwanzima ukuzitshela ukuthi uyathandwa kanti cha lutho.

Kwaze kwanzima ukufuna uthando kumuntu ongenandaba nawe.

kwaze kwanzima !

Sekujikelwana esithubeni nje

kwanzima!

Uthando seluyalwelwa ,

Uthi ngisho usulilwelile kanzima kugcine kufike umuntu oyedwa! Oyedwa vo! Akuphuce injabulo.

Kwanzima!

Siyakhala ubu maye maye !

Sikhuza ngapha kuvele ngapha

kwanzima!