Indlovukazi yami eyayikade iwa ivuka nami
Ukubi kukuhle kodwa wayehlezi eseceleni kwam
Uyena ongiphe ithuba lokuphila ungithandile
Wangipha imfudumalo kanti futhi wanginakekela
Ngaphandle kwakhe nje ngiyacabanga kube angiyilutho
Ngisasho nje futhi ngiyabonga mama

Kaze ngingayini ngaphandle kwalomuntu wesimame
Kwazi bani nje futhi ukuthi owami umhlaba ungaphela
Kungashabalala yonke into nje
Kodwa ke ngisasho namanje ngiyabonga mama
Inkosi ingigcinele wena