Ngyakhumbula Lolo suku ngineminyaka emihlanu ngiqeda kulahlekelwa ngumama. Kanti futhi ke bengyintandokazi kubazali bami wazise phela bekuyimi kuphela umtwana ophilayo esinyeni sakhe umama.

 

Ngiyintombazanyana esenomtana namuhla kodwa indaba yami ngyoxoxela amajuba echobane. Eminyakeni endlule sekushone umama ubaba bezama ngayo yonke indlela ukuthi ngihlezi ngijabule. Engizamele omama abanganginakekela wazise phela bengisemncane. Kodwa kubo bonke babengenayo impatho ‘ngokuthi ubaba bengafuni ngami wabaxosha’ eze ethole lo ahlala naye namhlanje.

 

Ngingasho nje ukuth bekungelulanga empilweni yami. Wangikhulisa ke umamncane lo ubaba amthole sengifuna ibanga 1 (grade 3), engiphethe kahle ke kwalunga ngahlala naye kumnandi. Ngize ngifike kwibanga les8. Wayesenaka imtwanakhe kakhulu, kunguyena othengelwa kakhulu, uma bexabene nobaba kuthiwa yimi imbangela, angiphathi eskoleni ngangyisono, Mesyofunda neskole mekunqabe istep sister Sami kunqabe nami. I remember ngolunye usuku wasishaya nomtanakhe wasalela kimi wangibhonya ngaze ngaquleka. Ubaba mengimtshela ethi angibekezele. Kuningi okwakwenzeka engakusho ukuthi uthando lwamama angikwazi.

 

 

Ngifunda ngazimisela ngaphasa kahle ngoBachelour with 3 Distinctions. Kant sengikhulelwe ngabaleka ekhaya ngayohlala nobaba wengane. Kulonyaka ngiyofunda. Akusafani nakuqala.