Wena uyathandwa yinhliziyo yam
Angingabazi ukuthi nawe uyangithanda.
Sehlukene ngokwamehlo abantu
Kodwa ngoku ka Nkulunkulu simuntu munye.
Okuthandwa yimi nawe uyakuthanda
Nokuzo uwe nam ngiyakuzonda.
Ngithatha ngokucabanga
Ngikubone wena sewenza ebengikucabanga.
Impi yekati nenja into esingayazi
Sazi uthando lwamajuba.
Ukuqophisana ngamazwi into ekude nathi
Ngoba uyayazi indawo yakho nam eyami.
Noma ngihambile ngangabuya
Awungiqulisi ungibuze ngiphumaphi.
Uma ngikubuka uyakhophozele
Njengaseminyekeni eyedlula ngikweshela.
Ukungabi namali kuyafana nokubanayo
Awungifakeli ingcindezi ngizibone ngiyisehluleki.
Uma ngigula uyacela kumdali akunikeze ukuf’kwam
Mina ngiphile.
Ubumba olakha wena laqala kuwena
Lagcina kuwena futhi.
Uma ngikubuka ngiye ngizibone ngikweleta
Sengathi ngingaqala phansi ngithum’abakhongi kini.
Ngazisha zonke ezamabheka
Kodwa sengathi akwenele.
Noma umabonakude ubashintshil’abaningi
Kodwa wena awukushintshile.
Usenguye engamthanda ngiqala ukumbona
Indoni yamanzi, esho ngamazny’aluthotho,
Enyathela ngabantwana.
Ayiqedwa indlovukazi