Wena uyathandwa yinhliziyo yam

Angingabazi ukuthi nawe uyangithanda.

Sehlukene ngokwamehlo abantu

Kodwa ngoku ka Nkulunkulu simuntu munye.

Okuthandwa yimi nawe uyakuthanda

Nokuzo uwe nam ngiyakuzonda.

Ngithatha ngokucabanga

Ngikubone wena sewenza ebengikucabanga.

Impi yekati nenja into esingayazi

Sazi uthando lwamajuba.

Ukuqophisana ngamazwi into ekude nathi

Ngoba uyayazi indawo yakho nam eyami.

Noma ngihambile ngangabuya

Awungiqulisi ungibuze ngiphumaphi.

Uma ngikubuka uyakhophozele

Njengaseminyekeni eyedlula ngikweshela.

Ukungabi namali kuyafana nokubanayo

Awungifakeli ingcindezi ngizibone ngiyisehluleki.

Uma ngigula uyacela kumdali akunikeze ukuf’kwam

Mina ngiphile.

Ubumba olakha wena laqala kuwena

Lagcina kuwena futhi.

Uma ngikubuka ngiye ngizibone ngikweleta

Sengathi ngingaqala phansi ngithum’abakhongi kini.

Ngazisha zonke ezamabheka

Kodwa sengathi akwenele.

Noma umabonakude ubashintshil’abaningi

Kodwa wena awukushintshile.

Usenguye engamthanda ngiqala ukumbona

Indoni yamanzi, esho ngamazny’aluthotho,

Enyathela ngabantwana.

Ayiqedwa indlovukazi