Abasha badume ngezothando
Okwalolu thando kuyadumaza
Ngalolu thando sebeyaziqhenya,
Abasaluhloniphi nakuluhlonipha sekuwumdlalo wamagendo
Laph’ abantu abasha,bethi banothando,
Ibhungu linothando lwetshitshi,
Bahlulwa yini ukuzihlonipha?
Kungani bekhohlisana?
Omunye ethi ungowomunye?
Izimbali zanamuhla zilahlekelwa
Ubumbali bazo ngokuphang’ umdaka
Ongawuphangi ubukelwa phansi
Akhishwe inyumbazana anyundelwe
Ekugcineni ebuhlanzweni bayo iyabuyela
Nalapho kuqhamuka umzali,
Abantu abasha abasamazi
Kugcwalwa imigwaqo kungaziwa nanyaka
Kumelwe emakhoneni
Wena mzali awusenasithunzi
Yeka kusadliwa ngolodaka
Lwaluhlonishwa uthando
Kungabe loluthando
Intsha edume ngalo olweqiniso na?