Abasha badume ngezothando

Okwalolu thando kuyadumaza

Ngalolu thando sebeyaziqhenya,

Abasaluhloniphi nakuluhlonipha sekuwumdlalo wamagendo

Laph’ abantu abasha,bethi banothando,

Ibhungu linothando lwetshitshi,

Bahlulwa yini ukuzihlonipha?

Kungani bekhohlisana?

Omunye ethi ungowomunye?

Izimbali zanamuhla zilahlekelwa

Ubumbali bazo ngokuphang’ umdaka

Ongawuphangi ubukelwa phansi

Akhishwe inyumbazana anyundelwe

Ekugcineni ebuhlanzweni bayo iyabuyela

Nalapho kuqhamuka umzali,

Abantu abasha abasamazi

Kugcwalwa imigwaqo kungaziwa nanyaka

Kumelwe emakhoneni

Wena mzali awusenasithunzi

Yeka kusadliwa ngolodaka

Lwaluhlonishwa uthando

Kungabe loluthando

Intsha edume ngalo olweqiniso na?