Nkosi nawumkhuleko wami nasentambama
Ngikhulekela odadewethu kanye nabafowethu
Langaphandle abaphila ngaphansi kwezimo ezibuhlungu nezikhalisayo .
Baba umkhuleko wami engizowukhuleka phambi kobuso bakho nasentambama uzogcila kulokhu
Okulandelayo
Baba oyingcwele, Mdali wezulu Kanye nomhlaba
Namuhla ngiyakhuleka
1. ngikhulekela abagulayo ezibhedlela ukuba baphiliswe ngegazi lakho elachithekayo esiphambanweni , baba ngikhulekela ukuba baphiliswe kulezinhlungu abazizwayo belele kulowa mbhede.
2. ngikhulekela abantu abasha langaphandle izintombi Kanye nezinsizwa ukuthi nkosi baziphathe kahle ngoba kunzima langaphandle.
3 ngikhulekela omama bomthandazo ukuthi abahlale emthandazweni basinxusele enkosi
Ngoba phela nanti. Ilizwe liyaphela kanti futhi nomthandazo wabo uzosisiza kakhulu ukuthi sinqobe konke lokhu okubi okukhona langaphandle
Ezweni lethu .
4 ngikhulekela amazwe namazwe Kanye nomhlaba wonke ukuthi sihlangane njengom Africa sisizane ukuze sikwazi ukuqeda lolubhubhane lwecovid 19 oluze lwasithathela imindeni Kanye nezihlobo zethu.
5. Ngikhulekela ukuba akube khona ukuthula , Kanye noxolo phakathi kwasezweni lase Ukraine Kanye nasezweni laserussia .
Kuningi engikukhulekelayo nasentambama
Pho ngingabala ngithini na ???