Babengaseng’ezimith’abadala,

Abadala bath’umenz’uyakhohlwa,

Baqhuba beth’umenziw’akakhohlwa.

Mina namanje angikakhohlwa,

Noma wen’usheshile ukukhohlwa.

Bengingaz’ukuth’usuyintibane,

Nokho usheshile ukukhohlwa,

Mina ngingakakhohlwa ngowakwenza kimi,

Owakwenza kimi, ngokukhohlwa ngifile.

Noma ungahlek’uvez’elomhlathi,

Lezongovolo zangiluma ngagcwal’amahlathi.

Inyoka kaze yabushintsh’ubuthi.

Nom’ingasishintsh’isikhumba kodwa lutho ubuthi.

Ngyabesaba ubutha bakho!

Ngyakuzwa uzithethelela ngokungabinamagqubu,

Mina anginagqubu nawe,

Kuphela nje ngesab’ubunyoka bakho.

Zungamangal’uma ngingasondeli, ngisakusaba.

Igqub’enginalo ngaw’ilengoz’owangizuma ngayo.

Ngingazelele lutho ngezwa ngo gqu ekhanda,

Ubuso bagcosthwa ngebomvu kugelez’igazi.

Ngakubon’ucela empunzin’uyosithela.

Phela wena wangigqem’iinkamba beyibuza,

Namanje basangibuza ngay’ondaba.

Zonke izintwala ezazama ukuyeq’azikwazanga,

Phela wena wangishiya nengeqiwa ntwala.

Isigqoko sesab’insakavukela kimi,

Ngifihla loludume lwengozi elepha kimi.

Njengoba ngizifihlile nje ngiyesaba,

Ngesab’ubuhlung’ozobuya nabo.

Babeqinisil’abath’angothemba itshe,

Njengob’ubuya usukhohliwe isenzo sakho,

Mina bengingakakhohlwa izenzo zakho,

Nokuthi sisazosondelana vel’ukhohlwe.

Njengoba usumsulwa nje ufihle lukhulu.

Lukhul’osophe ukungenza lona kulokhu,

Ngisifundil’esam’isifundo,

Nabanye ngobaph’isifundo ngesenzo sakho.

Ubunyoka bakho sebunobundlondlo,

Sengaphila ngezibiba zendlondl’enophaph’ekhanda.

Ngizam’ukuzivikela kwabafana nawe.

Hlala ehlathini lakho ngizohlala kude nawe.

Uma ngingathi sengikhohliwe,

Ubokwazi ngiyobe ngikhohlisa wena.

Noma ngifun’ukukhohlwa,

Ngiyakhumbula ze ngingakhohlwa isigqoko.

Namakhaz’angikhumbuza ngeminjunju,

Eqaqamb’ekujuleni kwalenkamba beyibuza.

Eyami nawe anginakuyizekela muntu,

Phel’umunt’engabamb’ongezansi,

Bengicabang’ukuyizekel’amagwabab’echobana,

Sengoyizekel’abantwana bami,

Ngibatshel’ukuthi “Umenzi Uyakhohlwa,

Kepha umenziwa akakhohlwa.