Ungithembisile wena.
Izulu nomhlaba 
Kuncane kunalokhu ngathembiswa kona.
Kanti kufanele kuthiwe” lala lulaza ngingwegule”
Musa uk’dlala ngemizwa yam’
Ngik’thembile ngenhliziyo yam’
Kunalokho wena ukhetha
Ukungikhohlisa
Sthembiso mina ngathenjiswa iphakade.
Lwenjabulo kuza njani namuhla
Ufuna kwahlukana nami.
Is’fungo owas’thatha Phambi kwes’quku.
Themba lam’ wena engak’khetha phakathi
Kweningi.
Usizi lwakho ngolwam’ 
Injabulo yakho ngeyam’
Phela manje simunye
 Zisho ziphuma ek’julen’
Kwenhliziyo kanti sifika nini
Ekugcineni loThando?
Ngazi tshela ukuthi luyohlezi livutha Amalangabi.
Kanti kusuke kwenzakaleni
Uma umuntu eshintsha inkulumo
Aphinde akhohlwe ngobukhazikhazi 
Bes’sthembiso.
“Mina nawe siyohlukaniswa ukufa”
Hhawu kufa nawe awusho bowazi
Ukuthi luyophela nini?
Kusho khona 
Kufa kothando hhayi umuntu….
Kusobali ukuthi wena nes’sthembiso
Zimbila zantabanye.
Noma ubunye bam’ naye bushabalala.
Aiy bo wangenza sthembiso Senorita Poet