Senzeni? siyabuza asiphendulwa
kshuti ithina iziwula zoThando.
Uthando selaba izingqindi
neyikhali, sekwaba isempini
uyedwa okumele aphume ephila.

Uthando sekwaba izinhlungu
nokunikela ngomphefumulo.
Sibulawelani? Asifanele yini ukuphila
sithandwe ngale ngokufunzwa izibhakela
sibhokodwe ngezikhali?
Siyinzalabantu senikhohliwe yini?

Sithetheleleni, sixoleleni noma
singazi ukuthi sonephi.
Bekumele nisivikele nisithande
ngokusobala nihlulekile!
Nizehluleki nababulali abaqavile!

Sesihlezi sixwayile ngoba sizulelwa
amanqa angabantu besilisa!
Ubomesaba umuntu wesilisa
uphenduka isilwane nisahlezi
endlini!