Sengikhala kokugcina manje,
Inhlupheko seyakhele kumina,
Inhlupheko isiphenduke
Ikusasa Lami,
Angazi noma impilo
Iyaphambili noma emuva,
Konke kuyafana lakimi,
Ngihlala ngithandaza kumdali,
Kodwa konke kusafana,
Ukulala ngingadlile
Into engiyijwayele,
Amahlo ahlala egcwele izinyembezi
Phela akukho okuhle okwenzeka kimi,
Bayanghleba ngisho ningenalutho,
Babukisa ngenhlupheko yami,
Phela nami angisenzanga
Kodwa inhlupheko yakhetha mina,
Yazakhela ikhaya kimi,
Sengikhala kongcina manje,
Ngithi nkosi ngithathe manje,
Ngoba sekwanele,
Sengikhala kokugcina manje.