Savanna!
Uwuhlobo luni lukaketshezi
Uvutshelwa kwezi ngakanani izimbiza
Ukushona kwelanga beza kuwe bendiza
Sebebahle beswenkile omaMbaliza noBonga
Ngiyasola uthakwe ngewozawoza
Bezwa bethi “sisayobuhlehlisa nawe woza”
Bakuthenga ngokuhleleka bahamba ngolayini
Baze basho namuhla asilal’ endlini
EThekwini bathi ziyakhipha eYadini
ENewcastle bathi ziyawa eS’godini
Hhawu! Laf’ elikaMthaniya yekanini bo!
Bebheke ngawayizolo ngo-9 kuze kuse ekuseni
Basho bathi “bayominya amacyder
Badakwe balahle vele abanandaba”
Bakugwinya nje ngomphipho kuyonakala
Kungenxa yakho Savanna
Nenza engathi niyazana anazani
Kudliwa eyogcina izingane azinalutho endlini
Bathi ubanika injabulo uqeda nezinsizi
Mina ngibona usizi awuphilisi
Angibaphikisi uma bethi bayajabula
Eyabo ibonakala ngokudansa phezu kwamatafula
Futhi khona kwakokoda ipiano…
Ngathi bayabukisa av’ uthandw’ umsangano
Badansa bazijukuze bebe bekuthwele ekhanda
Wayisusa wabheda ikhal’ ekhanda Savanna
Unamandla Savanna okubashukumisa
Ubenza benz’ izinto ezingenzeki zenzeke
Ave unemilingo Savanna ungeqhathaniswe
Awubasukeli yibo abazizelayo
Ababhayizayo yibo bakuwela ngobuso
Ngoba uthi mabakuthokozele ngokuzilawula
Kungenjalo wena uzobalawula
Uzoba phundla ephaketheni ubathi phú
Belokhu bekulanda bakubize nga-two
Babeneqholo lokuthi bacijisa umlomo bathi two… two…ushona uyajula wena abanoni
Kuse ekuseni sebeyizinkamisa mlomo
Zibuye zonk’ izinsizi zivuvukile neziqhomo
Mangibatshela ukuthi uSavanna mdala kunani hlukanani naye
Bathi awusiyeke sidla ubusha bethu pho kunani
Sona sibona ngomopho khuzekani bo
Bezwe bacule ” sayodakwa ngathi asinangqondo”
Phela thina “siyizidakwa… siyizidakwa “
Sebezinikezele ngomphefumulo wonke
Lesi sizukulwane sendlulele
Sidlebelekile ukwedlula esamzukwane
Lesi asizicabengeli asizinakekeli siwumbukwane
Bangathinta uSavanna abagqiz’ qakala
Umuntu noSavanna kukhona okuzokonakala
Kungaphuzwa kuphuzwane akuhlalelani
Savanna nomuntu akusoze kwahambelana
Uyobe uyezwa sebebulelene
Bayolala bebaliwe emakhazeni
Bayokhalelwa amasongo kasigonyela
Uyobe uzwa sekukhona okhulelwe
Uyobe uyezwa sekukhona osuleleke ngesifo
Uyobe uyezwa sebephethwe izitlamatlama
Sebefuna izicethe noma sekungaba isavannanyana
Bezocima nasi isitlamatlama esimi ngehla
Maye laphela izwe ilolu ketshezi!
Oluchitha kuphel’ imisebenzi nemizi
Iyanda inhlupheko ngobumnandi balo ketshezi
Baphuza engathi kukhona obaphikisayo
Baphuza engathi kukhona abakuzuzayo
Abazuzayo ababuvovayo ngababuthengayo
Ababuphuzayo abakuzuzayo ukudakwa nje
Abadakwayo yibo abalahlekelwayo
Basuka kwelabaphilayo baye ebumnandini kwelabadakwayo baphelele kwelabafileyo
Bazitshele ukuthi bayezulwini kanti ethuneni
Ngilunge nginje ngingayi kwelabadakwayo
Bathi ngizenza ngcono ngoba ngihlala kwelabaphilayo
Kwabaningi sebayiyeka le ndlela siyababongisa
Kwabaningi bayafisa ukuyishiya siyabathandazela
Kwabaningi sebelele ngomhlane sibangcwabile
Kwabaningi isimilo sesibashiyile siyabadabukela
Equnisweni uzenzile akakhalelwa
Kwabaningi basaya ngamandla abavimbeki okwenkomo efohlile siyabuka nje
Sebenzè isifungo nayo sofa silahlane
Sebeshade nayo iSavanna sebezibophezele
Bathi bazodela ngokuzibonela
Savanna…umuhle umubi
Ngingathi umubi umuhle
Ngoba imizimba yethu iyalundinga uketshezana lwakho ngesilinganiso
Ngibonge abazali ngokungixwayisa ngoSavanna
Namuhla angilona ihabula nkezo
Awu ngabe sengiyabona sekuphambana izinyawo
Bayavuma iSavanna ayina cala bayayimela
Bangadakwa benza amacala yona ayikwazi ukubamela
Ingabamela kanjani kwabona bengakwazi ukuzimela uma isiginge sathodlana
Empeleni ngihlushwe yini ngeSavanna yabo
Eyabo imali eyabo imilomo eyabo le mpilo
Kimi iSavanna ayinampilo kubo isiyimpilo
Bayiphuza bazi ukuthi ayinambuyiselo
Asengiyeke iSavanna yabo nabantu bayo
Ngoba bathi ” Siyazana” ngeSavanna!